Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Uyaqhubeka umkhankaso kamasipala wokugasela ezitolo

Uyaqhubeka umkhankaso kamasipala wokugasela ezitolo

by | 4 November 2024

NONHLAKANIPHO SHINGA

UYAQHUBEKA nokugasela ezitolo ezisebenzela edolobheni uMtubatuba nasemakhaya uMasipala Inkosi uMtubatuba ukuhlola ukuthi imikhiqizo edayiswayo isesimeni esifanele futhi nezindawo okudayiselwa kuzo zisesimeni yini.

Ngokusho kwemeya, uMnu Mxolisi Mthethwa, lokhu kwenzelwa ukuqinisekisa ukuphepha kwabantu nokuthi amabhizinisi adayisa imikhiqizo elungile futhi ezindaweni eziphephile.
“Sihambela zonke izitolo. Inhloso enkulu wukuqinisekisa ukuthi ibhizinisi nebhizinisi kalibeki impilo yabantu engcupheni jengoba sekube nezigameko eziningi okubikwe ukuthi zidalwe yimikhiqizo edayiswayo noma izakhiwo uqobo,” kusho yena.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngenyanai edlule kuke kwagula abafundi abawu-41 besikole esisodwa saseMtubatuba, obekusolwa ukuthi badle ama-chips esikoleni.

Ezisematheni

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

LETHWESE ihlobo! Seliqalile ukukhipha umkhovu etsheni ezindaweni eziningi. Namuhla kule ngosi sizobheka ubungozi bokungabi nawo amanzi enele emzimbeni (dehydration), okuyinto evama kakhulu esikhathini sasehlobo ngenxa yokushisa. Ngokwendalo, ongoti bathi uma ingane...

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

IYELULAMA iNkosi uSifiso kaBhekamadoda Shinga (esesithombeni), enguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu, KwaZulu-Natal. INkosi uShinga yaba sengozini yemoto ngomhla ka-24 kuNhlangulana (June), ngasesikhumulweni sezindiza esidala, eThekwini. Umshayeli wemoto, owayeshayelela...

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...