Ilanga News
Home 9 Featured 9 UMasemola umise isikhulu ebesinikwe ikhefu élikhethekile’

UMasemola umise isikhulu ebesinikwe ikhefu élikhethekile’

by | 16 September 2025

UKHOMISHANA wamaPhoyisa kuzwelonke uGeneral Fannie Masemola, usemise emsebenzini iPhini lakhe uLt-General Shadrack Sibiya (osesithombeni) ophikweni lwabaphenyi. 

Ngokubika kwe-EWN, uSibiya ukuqinisekisile ukumiswa kwakhe ngeSonto lapho eveze ukuthi uthole incwadi eqhamuka kuMasemola ngoLwesihlanu. Ukumiswa kukaSibiya kuyanyaniswa nokuthinteka kwakhe ezinsolweni zokugxambukela ekusebenzeni kophiko lwamaphoyisa aKwaZulu-Natal, obeluphenya ngokubulala okuhlobene nepolitiki, nokuzama ukuluhlakaza lolu phiko. 

Kuzokhumbuleka ukuthi ukuthinteka kwegama likaSibiya kulokhu, kwavezwa nguKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Gen Nhlanhla Mkhwanazi, ngesikhathi enesithangami nabezindaba ngoNtulikazi (July). UMkhwanazi waveza amahlazo ngokugxambukela kwabepolitiki emsebenzini wamaphoyisa, ukuphazamisa umsebenzi wawo. 

Phambilini uMasemola wakhetha ukumyisa ekhefini eliyisipesheli uSibiya, ngemuva kokuvela kwalezi zinsolo. Ngeledlule uSibiya ukhale ngaphansi eNkantolo eNkulu yaseGauteng, ngemuva kokufaka enkantolo, efuna kuchithwe eyokuyiswa kwakhe ekhefini eliyisipesheli. 

Kule nkantolo ijaji lithole ukuthi ukuyiswa kwakhe kuleli khefu, kwakuphambene nomthetho. Ngokubika kwe-EWN, ukumiswa kukaSibiya kuzoqhubeka kuze kuphele uphenyo lweKhomishana kaMadlanga, ezogxila ekugxambukeleni kwezepolitiki emsebenzini wamaphoyisa.

Phambilini uSibiya wazibophezela ukuvela phambi kwale khomishana, aveze uhlangothi lwakhe ngalezi zinsolo.

lucky.cain@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...