UNXUSE abaholi, amakhosi, abefundisi nosomabhizinisi ukuba babambisane nomphakathi ukulwa nesihlava athi sesibhokile esifundazweni uNdunankulu waKwaZulu Natal uMnu Thami Ntuli.
UNtuli ubehambele umndeni wakwaMakhathini eMfume ngaseMgababa lapho bekungcwatshwa khona uNkz Bongeka Makhathini (21) nengane yakhe yomfana eneminyaka emithathu.
UNkz Makhathini nendodana yakhe babulawa ngowesilisa obesebudlelwaneni naye oneminyaka ewu-24 ubudala. Naye lo mlisa wagcina ngokuziyisa kwagoqanyawo ngemuva kokugila lo mhlola.
Ekhuluma ngemuva kwale nkonzo uNtuli uqhubekile nokuzwakalisa ukukhathazeka ngalezi zigameko aveze ukuthi zibhokile kulezi zinsuku.
Unxuse nemindeni ukuba ikhulume nezingane zayo zabafana namantombazane ukuba zikwazi ukuphathana ngendlela efanele ebudlelwaneni.
“Sinxusa abesifazane bangahlaliswa wuthando ebudlelwaneni abahlukumezekile kubona. Uma nje owesilisa wambeka isandla baphume ngokushesha ngoba kuqala lapho bese kulandela izigameko,” kusho uNtuli.
Uthe uMnyango wezokuPhepha koMphakathi unazo izinhlelo zokulwisana nalesi sihlava njengoba kukhona nolokuhlanganisa amadoda ezindaweni zokusebenza ukuba akwazi ukukhuluma ngezinkinga futhi ayalane nangendlela yokubhekana nazo.
“Udlame alusona isixazululo,” kusho undunankulu