Ilanga News
Home 9 Featured 9 UNtuli nekhwelo kubaholi ngodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane

UNtuli nekhwelo kubaholi ngodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane

by | 28 December 2024

UNXUSE abaholi, amakhosi, abefundisi nosomabhizinisi ukuba babambisane nomphakathi ukulwa nesihlava athi sesibhokile esifundazweni uNdunankulu waKwaZulu Natal uMnu Thami Ntuli.

UNtuli ubehambele umndeni wakwaMakhathini eMfume ngaseMgababa lapho bekungcwatshwa khona uNkz Bongeka Makhathini (21) nengane yakhe yomfana eneminyaka emithathu.

UNkz Makhathini nendodana yakhe babulawa ngowesilisa obesebudlelwaneni naye oneminyaka ewu-24 ubudala. Naye lo mlisa wagcina ngokuziyisa kwagoqanyawo ngemuva kokugila lo mhlola.

Ekhuluma ngemuva kwale nkonzo uNtuli uqhubekile nokuzwakalisa ukukhathazeka ngalezi zigameko aveze ukuthi zibhokile kulezi zinsuku.

Unxuse nemindeni ukuba ikhulume nezingane zayo zabafana namantombazane ukuba zikwazi ukuphathana ngendlela efanele ebudlelwaneni.

“Sinxusa abesifazane bangahlaliswa wuthando ebudlelwaneni abahlukumezekile kubona. Uma nje owesilisa wambeka isandla baphume ngokushesha ngoba kuqala lapho bese kulandela izigameko,” kusho uNtuli.

Uthe uMnyango wezokuPhepha koMphakathi unazo izinhlelo zokulwisana nalesi sihlava njengoba kukhona nolokuhlanganisa amadoda ezindaweni zokusebenza ukuba akwazi ukukhuluma ngezinkinga futhi ayalane nangendlela yokubhekana nazo.

“Udlame alusona isixazululo,” kusho undunankulu

Ezisematheni

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

LETHWESE ihlobo! Seliqalile ukukhipha umkhovu etsheni ezindaweni eziningi. Namuhla kule ngosi sizobheka ubungozi bokungabi nawo amanzi enele emzimbeni (dehydration), okuyinto evama kakhulu esikhathini sasehlobo ngenxa yokushisa. Ngokwendalo, ongoti bathi uma ingane...

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

IYELULAMA iNkosi uSifiso kaBhekamadoda Shinga (esesithombeni), enguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu, KwaZulu-Natal. INkosi uShinga yaba sengozini yemoto ngomhla ka-24 kuNhlangulana (June), ngasesikhumulweni sezindiza esidala, eThekwini. Umshayeli wemoto, owayeshayelela...

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...