Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Wenqabe ukushuthwa obhekene nelokubulala unina wengane yakhe

Wenqabe ukushuthwa obhekene nelokubulala unina wengane yakhe

by | 26 August 2026


KUHLEHLE ukuqala kokuqulwa kwecala lokubulala elibhekene nowesilisa waseMandawe osolwa ngokudubula unina wengane yakhe maqede wazidubula, ngemuva kokuba umsolwa enqabe ukushuthwa ngesikhathi evele enkantolo yeMantshi eScottburgh.

UMnu Sibonelo Gumede (29) ubhekene necala lokubulala unina wengane yakhe uNkz Nokuphila Mbhele (29). Ekuqaleni uGumede wayevumile ukushuthwa, kodwa kulokhu ushaye ingqimphothwe, esethi akasafuni ukushuthwa.

Ngenxa yokuthi ekuqaleni kwakuvunyiwe ukuthi ashuthwe, inkantolo ithathe isinqumo sokuhlehlisa ukuqala kokuqulwa kwalo, yanxusa ukuthi abezindaba bafake isicelo kabusha ukuze inqume ngaso. Icala lakhe lihleliselwe inyanga ezayo.

NGUMUFI uNkz Nokuphila Mbhele

UGumede kuthiwa wayexabene nonina wengane yakhe, esemzingele inyanga yonke engamtholi ngoba wayesebaleke nasemqashweni ngenxa yokwesabela impilo yakhe. Kuthiwa bagcina beficene emqashweni kamufi eMandawe, okuyilapho uGumede enza sengathi uzothelelana amanzi nonina wengane.

Kuthiwa wamdubula washona, maqede wazidubula naye kanti ngebhadi akazoshona. UGumede waficwa elele eceleni kwesidumbu sikaNkz Mbhele, elimele ekhanda. Kuthiwa uma ebuzwa, wathi kungene umuntu wabadubula, okuyinto engazwakalanga kahle ngoba emnyango kwakukhiyiwe futhi ukhiye ungaphakathi.

Ezisematheni

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...