
UDEDELE amabhomu usomabhizinisi uMnu Vusimuzi Cat Matlala ethi wanika loyo owangungqongqoshe wamaphoyisa uMnu Bheki Cele imali elinganiselwa ku-R500 000.
UMatlala ubethula ubufakazi ekomidini lePhalamende eliphenya ngezinsolo zokugxambukela kwabathile ekusebenzeni kwengalo yomthetho kuleli, ezenziwa nguMkhuzi wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uJenene Nhlanhla Mkhwanazi. Namuhla ngoLwesithathu leli komidi belihleli eJele iKgosi Mampuru, lapho kutoke khona uMatlala osolwa ngamacala abucayi.
Utshele leli komidi ukuthi wanika ucele u-R300 000, waphinde mamnika omunye u-R200 000, okwakuyimali ewukheshi, emubonga ngokumsiza kubuyiswe izibhamu zakhe ezashaqwa ngamaphoyisa emzini wakhe. Uchithe ubufakazi bukaCele bokuthi nguyena (uMatlala) owayenika uCele ulwazi ngokungalungile okwakwenzeka emaphoyiseni.
Ukhale nangesandla esiqinile sophiko oluphenya amacala athinta ukubulala okuhlobene nepolitiki, iPKTT, njengoba ethe bagasela emzini wakhe, “bahlukumeza” umndeni wakhe, okubalwa nezingane, bebalalisa phansi bebakhombe ngezibhamu.
UMatlala uphinde wafakaza nangokuxhumana kwakhe noMnu Brown Mogotsi ethi wamthinta ngemuva kokuba ehlulekile ukuvula icala lokugasela kwamaphoyisa emzini wakhe oseWaterkloof. Uthe ngesikhathi ezethula uMogotsi wazazisa njengosehhovisi likaNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnu Senzo Mchunu.
Uthi uMogotsi waqala wamfuna imali yokumsiza kuphenywe ngala maphoyisa, nebala wamnika isamba esilinganiselwa ku-R10 000. UMatlala uveze ukuthi ngokuhamba kwesikhathi, sekusondele umcimbi we-ANC obizwa ngeJanuary 8 owabe useCape Town, uMogotsi waphinde wacela okunye okuhlanganisa ukuthi kuqashelwe amabhanoyi abantu ababalelwa kwishumi, waphinde wakhipha nemali ayifaka kwi-akhawunti ayeyithunyelelwe nguyena.
Uthi isiyonke imali ayikhipha ethinta lolu hambo ibalelwa ku-R150 000 kuya ku-R200 000.







