Ilanga News
Home 9 Featured 9 Udilikajele kowabulala izaguga eNgwavuma

Udilikajele kowabulala izaguga eNgwavuma

by | 15 May 2025

SEMUKELWE wubuholi boMdabu esizweni saKwaMngomezulu, eNkungwini isinqumo seNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu egixabeze ngodilikajele ababili uNkosiyethu Exon Makhunga (37) olahlwe ngamacala okudubula, wagenca izaguga ezingoninakhulu bakhe ngoba ebasola ngokumthakatha KwaDinabanye, eNgwavuma.

Lesi sigameko senzeka ngenyanga kaNhlolanja (February) 2024 emuva kokuba uMakhunga wayekade ebuya ukuyohlola kumuntu obonayo nokunguyena owanuka abafi, wamtshela ukuthi yibona abami phambi kwempumelelo yakhe.
Ulahlwe yicala lokubulala uNkz Hlalaphi Mngomezulu (79) nodadewabo uNkz Nomhlangano Mngomezulu (89).

UNomhlangano uzala uyise kaNkosiyethu. NgoMsombuluko inkantolo ikhiphe isigwebo sokudilikelwa yijele kukaMakhunga. Evuma icala uMakhunga utshele inkantolo ukuthi ngosuku lwesigameko wavuka wahamba nomfowabo baya kumuntu obonayo owafike wanuka oninakhulu bakhe. Uthe ebuya ukuyohlola wafika ekhaya kubo waphuza utshwala. Ngezithuba zasebusuku ngehora lesishiyagalolunye wezwa kukhala imbuzi ngaphandle okwathi uma ephumela ngaphandle, wabona izimpawu zezinto azitshelwe ngumuntu abeyohlola kuyena. Wadonsa isibhamu somfowabo wahloma nangobhusha, waqonda emzini wabafi, wabadubula wabagenca bashonela endaweni yesigameko.


UMakhunga wagila lo mkhuba maqede wabalekela ezweni laseSwaziland, waboshwa khona. Izinhlaka zezomthetho zaxhumana nohulumeni wakuleliya lizwe, uNdunankulu waseSwaziland akhipha umyalelo wokuba uMakhunga abuyiswe kuleli ezobhekana necala.


Okhulumela iNPA KwaZulu-Natal, uMnu Khethukuthula Sangweni uthe lesi sigwebo siwubufakazi bokusebenzisana phakathi kwezinhlaka zezomthetho zakuleli nakwamanye amazwe. “Ilungu lomndeni libhale isitatimende liveze ukuthi selokhu kwenzeka lesi sigameko umndeni wasala uthuthumela,” kusho uSangweni.


INkosi Mphumeleli ‘Lubelo II’ Mngomezulu itshele ILANGA ukuthi lesi sigwebo sithumela umyalezo oqinile kubona bonke abantu abagila imikhuba engalungile nalabo abayaye bafune ukuzibambela umthetho ngezandla.

“Emuva kokuba kwenzeke lesi sigameko kukhona abesebefuna ukuzibambela umthetho ngezandla. Lona ngumyalezo obalulekile emphakathini. Abadingeki emphakathini abantu abahlala ngokusola abanye bethi bayabathakatha. Abantu abasha ikakhulukazi bona laba besilisa yibona okufanele bahambe phambili ekuvikelweni kwabantu abadala, abesifazane nezingane emiphakathini nasemindenini abahlala kuyona,” kuphetha uMngomezulu.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...