
UMENGAMELI weqembu lepolitiki i-Abantu Batho Congress (ABC), uMnu Philani Mavundla uveze ukuthi ngeke alenze iphutha lango-2021 evuma ukusebenza ne-ANC njengoba esememezele ukungenela kwakhe umjaho wokuba yimeya yeTheku.
UMavundla uthe ungenela esokuba yimeya yeTheku ngaphansi kweqembu lakhe i-ABC.
Uthe akanankinga yokusebenzisana namanye amaqembu epolitiki ngaphandle kwe-ANC.
“Ngicela abantu bangethembe kulokhu. Yebo kuyiqiniso ukuthi ngaba nesandla ukuthi i-ANC ibe semandleni eThekwini. Ngaleso sikhathi kwakumele sikhethe phakathi kwe-ANC neDA okwakuyiwona amaqembu ayevotelwe kakhulu. I-ANC yaveza iDA njengabacindezeli njengoba igqame njengeqembu labamhlophe,” esho.
Uthe baphaphame ngo-2024 ngesikhathi i-ANC isivuma ukusebenza neDA. Lokho uthe kwabenza babona ukuthi bebekhohliswa ngalokhu okwakushiwo yi-ANC ngeDA.
“Ngisho nomengameli we-ANC, uMnu Cyril Ramaphosa uyazisholo ukuthi iDA yenza kahle komasipala abaphethwe iyona kunabaphethwe yi-ANC. Uphinde aveze ukuthi uma kukhulunywa ngenkohlakalo kumele i-ANC ibe ngabasolwa bokuqala. Lokho kuyinkulumo ephelele nge-ANC. Ngeke sikwazi ukusebenza namasela. Ngisho kwiMadlanga akukho noyedwa we-IFP noma iDA ombona kuyona kodwa kugcwele abantu be-ANC,” esho.
UMavundla uthe bebezomemezela yena njengongenela umjaho wesobumeya eThekwini. Kwabanye omasipala njengoMvoti ake aba yimeya yakhona, uthe bakulungele ukusebenza ne-IFP.
Uphinde wenza izethembiso zokusukumela udaba lwamanzi nengqalasizinda kumasipala weTheku.
Uthe abantu baseThekwini bayamazi futhi kuningi akusukumelile eseyiSekela lemeya yeTheku.
Njengoba kuke kwaba nezinkulumo zokuthi kungenzeka angenele esokuba yimeya yeTheku ehamba neMKP, uthe lezo zingxoxo aziphothulwanga. Uveze ukuthi akukho okubi phakathi kwakhe neMKP kodwa njengamanje bazimele njenge-ABC. Ngokusebenza ngokubambisana namanye amaqembu eThekwini uthe amaningi usexoxile nawo awanankinga ngaphandle kweDA abangakaxoxi nayo. Uthe nayo usazoxoxa nayo futhi akanankinga ngokusebenzisana nayo njengoba kuyiyona eyamvikela ngesikhathi echithwa eThekwini.
tndlovu@ilanganews.co.za







