UMkhwanazi ukhathazwa yizibalo zamacala okudlwengula eNanda naseMlazi

114

SKHOSIPHI MTHEMBU

KUYAMKHATHAZA uMkhuzi wamaPhoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant-General Nhlanhla Mkhwanazi ukwanda kwezibalo zamacala aphathelene nokudlwengulwa kwabesifazane eNanda naseMlazi.

UMkhwanazi uthe ukwanda kwemijondolo nokudayiswa budlabha kophuzo oludakayo, nakho kwenza kube nzima ukulwa nale mpi. Ukusho lokhu namuhla ngoLwesibili esithangamini nabezindaba, ekomkhulu lamaphoyisa eThekwini, lapho ebeyochazela umphakathi ngebanga eselihanjiwe ekulweni nobugebengu esifundazweni.

UMkhwanazi ubamba lesi sithangami nje, ngoMsombuluko uNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnu Senzo Mchunu, esithangamini nabezindaba eGoli, wethule izibalo zobugebengu zekota yesibili enyakenimali u-2024/25.

UMkhanazi uthe kusukela ngoNcwaba (August) kuze kube manje, amaphoyisa esifundazweni abophe abantu abangu-42079 kanti abangu-14000 babo baboshelwe amacala athinta udlame, njengokubulala nokudlwengula.

Uthe abantu abangu-926 baboshelwe ukubulala, abangu-986 baboshelwe ukuzama ukubulala, kwathi abangu-8139 baboshelwa ukushaya. uMkhwanazi uthe abangu-639 baboshelwe izidakamizwa, kanti iningi labo ngabokufika.

Uqhube wathi kusukela ngoNcwaba, kutholakale izibhamu ezingu-1525 ezingekho emthethweni.

Ubonge amalungu omphakathi nezinkampani ezizimele zonogada ngokusebenzisana namaphoyisa. 

Previous articleUbingelelwe ngesibhaxu kowamaqoqo weCaf
Next article28 November 2024