Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo Featured 9 Ufeze iphupho ophume isibili koweDusi

Ufeze iphupho ophume isibili koweDusi

by | 22 February 2025

ULIFEZILE iphupho lakhe uSibonelo Khwela engena isibili kwiDusi Canoe Marathon eqale ngoLwesine eMgungundlovu yasongwa ngoMgqibelo eBlue Lagoon, eThekwini.

Ngaphambi kokuqala kwalo mdlalo uKhwela wathi angakujabulela ukungena nabokuqala abathathu.

Nonyaka benze kahle abamnyama njengoba bebe ngaphezulu kwabayisihlanu abangene nabokuqala abalishumi.

UKhwela unxenxe abaxhasi ukuze bakwazi ukuba nama-Training Camp.

Ingqwele yalo mjaho kube ngu-Andy Birkett obesenqoba lo mjaho okwesi-15 nonyaka kwathi uChristine McKenzie wanqoba kwabesifazane.

Ezisematheni

UNkambule wethembisa into yamehlo kumaCrown Awards alo nyaka

UNkambule wethembisa into yamehlo kumaCrown Awards alo nyaka

NGUMBHISHOBHI uMpendulo Nkambule nowakwakhe ongasekho uNkk Zanela Mbokazi-Nkambule. UVUME izingqinamba abahlangabezane nazo umBhishobhi Mpendulo Nkambule, ngemuva kokudlula emhlabeni kukaNkk Zanele Mbokazi-Nkambule ongumsunguli weCrown Gospel Awards. Uthi lokhu kwenze...

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....