Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo Featured 9 Ufeze iphupho ophume isibili koweDusi

Ufeze iphupho ophume isibili koweDusi

by | 22 February 2025

ULIFEZILE iphupho lakhe uSibonelo Khwela engena isibili kwiDusi Canoe Marathon eqale ngoLwesine eMgungundlovu yasongwa ngoMgqibelo eBlue Lagoon, eThekwini.

Ngaphambi kokuqala kwalo mdlalo uKhwela wathi angakujabulela ukungena nabokuqala abathathu.

Nonyaka benze kahle abamnyama njengoba bebe ngaphezulu kwabayisihlanu abangene nabokuqala abalishumi.

UKhwela unxenxe abaxhasi ukuze bakwazi ukuba nama-Training Camp.

Ingqwele yalo mjaho kube ngu-Andy Birkett obesenqoba lo mjaho okwesi-15 nonyaka kwathi uChristine McKenzie wanqoba kwabesifazane.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...