Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Ibuya ngaphandle kukaZama noSlee iRHOD

Ibuya ngaphandle kukaZama noSlee iRHOD

by | 26 February 2025

KUPHELILE ngoSlee Ndlovu noZama Ngcobo ohlelweni lwabesifazane olukhuza ibuya kumabonakude iThe Real Housewives of Durban.

Lolu hlelo kubhekwe ukuthi lukhuze ibuya kungekudala kumabonakude njengoba lizobe selibuya okwesihlau esiteshini iShowmax nakuMzansi Magic. Ngokwesitatimende esikhishwe ngabakwaMultichoice uSlee, Zama, Maria Valaskatzis no-Ameigh Thompson ngeke besaba yingxenye yalolu hlelo uma sekuqala isizini yesihlanu.

Nonku Williams noSorisha Naidoo sebephenduke amadlozi alolu hlelo njengoba kuyibona asebe kulona kusukela luqala ukukhonjiswa isizini yokuqala njengoba besazoqhubeka nokubonakala.

Abanye ababuyayo uJojo Robinson no-Angel Ndlela.

Kulindeleke ukuthi ngesonto elizayo kumenyezelwe abazojoyina lolu hlelo nokuthi luzoqala nini ukukhonjiswa kumabonakude.

Khona manje ILANGA lithole ukuthi uMinnie Ntuli osakaza uhlelo lwasekuseni esiteshini esizimele KwaZulu Natal iGagasi FM ungomunye wabazobonakala kulolu hlelo njengoba ezoba ngomunye wabangani balaba besifazane abasuke bekhombisa ngempilo yabo kulolu hlelo.

Kuzokhumbuleka ukuthi phambilini kuke kwabonakala abesifazane abafana no-Ayanda Ncwane, Anne Mthethu, Thobile MaKhumalo Mseleku nabanye.

Ezisematheni

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...