Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Ibuya ngaphandle kukaZama noSlee iRHOD

Ibuya ngaphandle kukaZama noSlee iRHOD

by | 26 February 2025

KUPHELILE ngoSlee Ndlovu noZama Ngcobo ohlelweni lwabesifazane olukhuza ibuya kumabonakude iThe Real Housewives of Durban.

Lolu hlelo kubhekwe ukuthi lukhuze ibuya kungekudala kumabonakude njengoba lizobe selibuya okwesihlau esiteshini iShowmax nakuMzansi Magic. Ngokwesitatimende esikhishwe ngabakwaMultichoice uSlee, Zama, Maria Valaskatzis no-Ameigh Thompson ngeke besaba yingxenye yalolu hlelo uma sekuqala isizini yesihlanu.

Nonku Williams noSorisha Naidoo sebephenduke amadlozi alolu hlelo njengoba kuyibona asebe kulona kusukela luqala ukukhonjiswa isizini yokuqala njengoba besazoqhubeka nokubonakala.

Abanye ababuyayo uJojo Robinson no-Angel Ndlela.

Kulindeleke ukuthi ngesonto elizayo kumenyezelwe abazojoyina lolu hlelo nokuthi luzoqala nini ukukhonjiswa kumabonakude.

Khona manje ILANGA lithole ukuthi uMinnie Ntuli osakaza uhlelo lwasekuseni esiteshini esizimele KwaZulu Natal iGagasi FM ungomunye wabazobonakala kulolu hlelo njengoba ezoba ngomunye wabangani balaba besifazane abasuke bekhombisa ngempilo yabo kulolu hlelo.

Kuzokhumbuleka ukuthi phambilini kuke kwabonakala abesifazane abafana no-Ayanda Ncwane, Anne Mthethu, Thobile MaKhumalo Mseleku nabanye.

Ezisematheni

UNkambule wethembisa into yamehlo kumaCrown Awards alo nyaka

UNkambule wethembisa into yamehlo kumaCrown Awards alo nyaka

NGUMBHISHOBHI uMpendulo Nkambule nowakwakhe ongasekho uNkk Zanela Mbokazi-Nkambule. UVUME izingqinamba abahlangabezane nazo umBhishobhi Mpendulo Nkambule, ngemuva kokudlula emhlabeni kukaNkk Zanele Mbokazi-Nkambule ongumsunguli weCrown Gospel Awards. Uthi lokhu kwenze...

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....