Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Uyaqhubeka nokutoka uthishanhloko osolwa ngokubulala umkakhe

Uyaqhubeka nokutoka uthishanhloko osolwa ngokubulala umkakhe

by | 6 September 2025

KUSHAYISANA izitatimende ngendawo okuthiwa uNkk Khanyisile Dhlomo washonela kuyona, njengoba esikanina kammangalelwa siveza ukuthi (ummangalelwa) wambikela ukuthi umufi uzibulale ngokuzisika uqhoqhoqho ekamelweni, kanti esezingane sithi isidumbu sikanina satholakala sisengadini.

Uthishanhloko waseSithembile Primary School, eNtuzuma, uMnu Khayelihle Dhlomo (osesithombeni), obhekene necala lokubulala umkakhe, uNkk Dhlomo, esigamekweni esenzeka ngo-2022, usazoqhubeka nokutoka njengoba kubukeka kusekude ukuphothulwa kwesicelo sakhe sebheyili.

Lokhu kucace ngemuva koku-hlehla kwezethulo zokugcina zabammeli bakammangalelwa, nomshushisi ngoLwesithathu, eNkantolo yeMantshi yaseThekwini. Izethulo zihlehle ngemuva kokuba umbuso usonge ubufakazi bawo, obebugabe ngesitatimende nobufakazi bomlomo womphenyi wecala, uSgt Sanele Mdima.

UMdima utshele inkantolo ukuthi ummangalelwa akakufanele ukuthola ibheyili ngenxa yobungozi bakhe emndenini. Utshele inkantolo ukuthi ukholwa wukuthi ummangalelwa wayekuhlelile ukubulala umufi, njengoba wazama kaningi ukudukisa ukusebenza kwamaphoyisa.

“Okwenza ngisho njalo, wukuthi bonke abantu ababeseduze, wayebatshela ukuthi umufi uzibulele. Lokhu kwaze kwaholela ekutheni amaphoyisa avule icala okungelona, njengoba abhalisa idokodo lokuzibulala komuntu. Okwesibili, utshele le nkantolo ukuthi ummese ‘owasetshenziswa ngumufi’, uhlala ngaphansi kukamatilasi, ngasohlangothini lwakhe (ummangalelwa). Kuyaxaka-ke ukuthi umufi wayengaphakamisa umbhede (ummangalelwa) elele, angaphaphami, athathe umbese ayozibulala.

“Utshele inkantolo ukuthi umufi wayeyozivocavoca ngosuku abu-lawa ngalo. Ubufakazi bukamakhelwane nobezingane zikamufi, bukuveza ngokusobala ukuthi wayengasazivocavoci, ngoba wayesethole ukuthi unesifo sofuba, futhi elimele naseqakaleni, elinyazwa nguye ummangalelwa,” esho.

UMdima uveze ukuthi ngokwezitatimende ezisedokodweni, kunokushayisana phakathi ngendawo umufi ashonela kuyo. Uthe isitatimende sikanina kammangalelwa, siveza ukuthi wambikela ukuthi umufi uzibulele ngokuzisika uqhoqhoqho ekamelweni, wamnqabela ukuba angene khona, ethi okuphakathi kuyashaqisa, ngeke alale ebusuku.

Izitatimende zezingane zikammangalelwa ezimbili, zithi isidumbu sikanina sasisengadini. Indodana kamufi iveza ukuthi ngesikhathi isibona okokuqala, bengakafiki omakhelwane namaphoyisa, sasidindilize engadini, singawuphethe ummese, kodwa kwathi uma sekufika amaphoyisa, yaqaphela ukuthi sesiphethe ummese esandleni sokudla.

Ummeli kaDhlomo, uMnu Sice-lo Zungu, utshele inkantolo ukuthi ngesikhathi esifanele, ummangalelwa uzobuphikisa ubufakazi obuthi ungumuntu onodlame. Uthe uzotshela inkantolo ukuthi umufi wayesezame kabili ukuzibulala, yikho waphuma nelokuthi uzibulele, wabikela abantu.

Utshele inkantolo ukuthi uyabuchitha ubufakazi bukanina ngoba usemdala, futhi unesifo sokukhohlwa. Ubuze uMdima ukuthi uma kuwukuthi kunenkolelo yokuthi umufi washonela endlini, kalwenziwanga yini uphenyo olusiza ukuhlola ukuthi kawekho yini amachaphazelo egazi ayesendlini.

UMdima uthe lwenziwa, kodwa umndeni wangagculiseka, okuze kwaphoqa ukuba luphindwe kulo nyaka.

“Okwenza ungagculiseki wukuthi ummangalelwa wayeyedwa ngesikhathi lwenziwa, izingane wazixosha, wathi maziye kwamakhelwane. Ebufakazini, izingane ziveza ukuthi zabuya uyise ehleli nawo amaphoyisa, kunamabhodlela otshwala alele phansi, zazibuza ke ukuthi kanti bekuzophuzwa noma bekuzosetshenzwa.

“Ngingaqinisekisa enkantolo ukuthi likhona icala langaphakathi eliphenywayo ngalo mbiko,” esho.

UZungu utshele inkantolo ukuthi ummangalelwa uyakuqinisekisa ukuthi impela amabhodlela otshwala ayekhona, kodwa ayengaphuzwa ngamaphoyisa.

“Ikilayenti lami liyacacisa ukuthi lazixosha izingane ngoba lizi-vikela, lingafuni zibone ukuthi kunophenyo olwenzekayo. Kwizethulo zokugcina, ngizogcizelela ukuthi ikilayenti lami liyayi-dinga ibheyili, ngezizathu ezifaka ukuthi kumi yonke into esikoleni elifundisa kuso njengoba kuyilo elengamele imali yesikole.

“Lokhu kufakazelwa yincwadi efungelwe, yomgcinimafa wesikole, ehambisana namaminithi omhlangano wesigungu esilawula isikole, kudingidwa ukuma kwezinto esikoleni,” esho.

IMantshi, uMnu Sicelo Zuma, iphakamise uMsombuluko ukuba kufakwe ngawo izethula zokugcina, abammeli basemukela lesi siphakamiso.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...