![](https://ilanganews.co.za/wp-content/uploads/2024/12/comedy-1-1024x683.jpg)
Linda Ximba
Bathe ukukhohlwa kancane izinkinga ebezibagubuzele kulo nyaka bahleka kwaze kwabuhlungu izisu abebehambele iChristmas Comedy e-Octavia Hotel eTafuleni eNanda ngoMgqibelo ebusuku.
Umphathi wohlelo uSimphiwe Shembe wenze ngokusemandleni ukuthi abantu bazongena kuKhisimuzi nakuNew Year kusaduma amahlaya emakhanda yena nosomahHOlaya abanjengoNgane Ngane (okunguGebho noSalad, Ndlebe, Qatha, Simunye Churchboy abebewadedela.
Okuqaphelekile ukuthi osomahlaya bebeqhamuka namahlaya amasha ahambisana nezinto ezifana nokuthwala o’Thatha le nto ayinabungozi”Â
Ngisho neNkosi yamaQadi uMqoqi Ngcobo iyeke kancane ukuba-serious, yakhohlwa izindaba zamacala enkantolo nezindaba ezithinta intuthuko yomphakathi yabonakala ikuthokozela ukugconwa kwayo nezinye izicukuthwane ekubalwa osomabhizinisi bendawo nomlingisi wodumo kwi-eHostela ne-Isitha The Enemy uThobani Nzuza oyisakhamuzi saKwaNgcolosi ngaseWushwini.
Kulo mcimbi bekugxilwe ekujatshulisweni imindeni ephume ngobuningi izosonga unyaka ngokukitazwa amahlaya.
UMnuz Big John wase uthe akayikhalelanga imali yakhe ngesikhathi njengoba ethe ibheke wakholwa. Wathi ukujabulela nokugcine ukubabona bukhoma abanye osomahlaya njengoba ethe uvamise ukubabona ezinkundleni zokuxhumana.
USimphiwe uveze ukuthi izolo ngeSonto leli thumba losomahlaya lizonikela eNewcastle lapho kulindeleke bafike baqhubeke lapho abagcine khona eNanda. Uthe bahleka ukwenza imijekelezo kuleso sifundazwe ngenhloso yokuqeda i-stress kubantu ngokubahlekisa