Ilanga News
Home 9 Featured 9 Umbhishobhi wamaLuthela ‘udube umnikelo, ecasulwa wukungahlonishwa’

Umbhishobhi wamaLuthela ‘udube umnikelo, ecasulwa wukungahlonishwa’

by | 16 August 2026

UMANGAZE amakholwa umBhishobhi we-Evangelical Lutheran Church in Southern Africa (ELCSA) waKwaZulu-Natal, eduba umnikelo nezipho, “ecasulwa wukungahlonishwa” nezinkinga okuthiwa zikhungethe amaLuthela akulesi sifundazwe, emhlanganweni womama benkonzo obuse-African Enterprise, eMgungundlovu ngempelasonto edlule.

ILANGA lithole ngamalungu aleli bandla ukuthi umBhishobhi Nkosinathi Myaka nenkosikazi yakhe abebekulo mhlangano, balibeke ngembaba elokuthi abazowuthatha umnikelo abebenikwa wona, futhi bayaphoqeleka ukuthi babuyisele emuva nezipho ebezilethwe kubona kuze kube kulungiswa izinkinga ezikhungethe iKZN, banikwe inhlonipho ebafanele.

Leli phephandaba linazo izinkulumo eziqoshiwe okuthiwa bekukhuluma umBhishobhi Myaka nenkosikazi yakhe, ebizwa ngoMaDlamini. Enkulumweni okuthiwa yenziwe ngumBhishobhi Myaka uthe: “Kuyongijabulisa ukuthi lo mhlangano uthathe isinqumo sokuthi uthume ikomidi elizolungisa izinkinga ezikhona. Kusemandleni awo lo mhlangano ukuthi ukwenze lokho. Eqinisweni angijabule neze,”esho.

Enkulumweni ekuthiwa yenziwe yinkosikazi kambhishobhi: ithe “Ngaphezu kwakho konke, sisengamakholwa. Ebandleni sinobuholi. KwiDiocease sinobaba umBhishobhi Myaka oganwe nguMaDlamini. Ezifundeni sinobaba nomama abangabaphathi zifunda.

“Nakwisekhethe sinobaba nomama abangabaphathi sifunda. Ukwehlisana isithunzi kubi. Akukho esikubangayo masingehlisani isithunzi. Kubantu bonke abebelethelwe izipho bezimbozwe kahle kodwa ezethu zilethwe zinqunu. Siphoqeleke ukuba sibuyise emuva konke enisiphe khona,” kusho uMaDlamini.

Ethintwa umBhishobhi Myaka ngalolu daba uthe ucela ukungaphawuli. Umnikelo nezipho kuthiwa bekulethwe yisigungu somama esilawula iKwaZulu-Natal, esiholwa nguDkt Nonhlanhla Mkhize onguSihlalo waso.

UDkt Mkhize kuthiwa unguSihlalo wohlaka lomama kwiPherishi iDurban South, unguSihlalo walo nakwisekethe yaseThekwini, aphinde abe nguSihlalo walo eKZN. Ezintweni ezithinta ibandla usakubeka kwacaca, uDkt Mkhize ukuthi akanalo ilungelo lokuphawula kuzona, noma ngabe kuhle noma kubi, kodwa umuntu ophawulayo ngumBhishobhi Myaka kuphela.

ILANGA lithole ukuthi ngokujwayelekile umBhishobhi Myaka uvamise ukuxhawulwa ngo-R50 000 uma ehambele imi hlangano yebandla aphiwe nezipho. Lokhu kuke kwavela nasembikweni wezimali webandla ka-2025/ 2026, ngesikhathi kunomhlangano womama obuseNorthwood Boys High School, mhla ka-8 kuya ku-12 kuNtulikazi (July) nonyaka.

Emuva “kokuduba” kukambhishbhi umnikelo, kuthiwa isigungu somama sesifundazwe ebesihambise umnikelo, sithukuthele sathelwa ngamanzi, sikhala ngokwehliswa isithunzi. Lokhu kube yizindaba okuthiwa zehle kahle kwamanye amakholwa, ngoba bese kunezinsolo zokuthi umbhishobhi ucheme nalesi sigungu. Kuthiwa akekho obezitshela ukuthi anganqaba umnikelo nezipho eziqhamuka kusona.

Ezisematheni

Ubonge uMkhwanazi kuhoxiswa amacala

Ubonge uMkhwanazi kuhoxiswa amacala

UBONGE uKhomishana wamaPhoyisa waKwaZulu Natal uLt Nhlanhla Mkhwanazi, uBrigadier Dineo Mokwele, ngemuva kokuhoxiswa kwamacala abebhekene nawo nabanye abebesolwa nabo okukhona kubona neNhloko yoPhiko lwezobuNhloli emaphoyiseni General Dumisani Khumalo. UMokwele...

I-ANC ivulela ilungu leDA icala ngezinsolo ezithinta uR4 billion

I-ANC ivulela ilungu leDA icala ngezinsolo ezithinta uR4 billion

I-ANC ihlela ukuvulela ilungu le-DA ePhalamende uMnu Mark Burke nenkampani emataniswa nayo iKastelo icala ngemuva kokusabalala kwezinsolo ezithinta izigidigidi zamarandi. USotswebhu we-ANC ePhalamende uMnu Mdumiseni Ntuli kubikwa ukuthi uthe inhloso yokuvula leli cala...

I-NPA ihoxisa akaKhumalo noMokwele ngokusemthethweni

I-NPA ihoxisa akaKhumalo noMokwele ngokusemthethweni

UPHIKO lwezokushushisa eNingizimu Afrika iNational Prosecuting Authority (NPA) kulindeleke ukuthi luhoxise ngokusemthethweni amacala abebhekene noLt Gen Dumisani Khumalo noBrigadier Dineo Mokwele nabanye abasolwa nabo. UKhumalo nabanye baboshwa ngoNhlangulana nyakenye...