Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Umculi ubonga umndeni ngokumnika isibindi sokuqhubeka nomculo

Umculi ubonga umndeni ngokumnika isibindi sokuqhubeka nomculo

by | 2 April 2025

Ukwesekwa wumndeni yikho okumnika amandla nesibindi ukuthi aqhubeke nomculo uRose omatasa nokuphusha ingoma yakhe entsha iVuya Ntliziyo apike kuyo uMaster Dee.

“Ngiwumuntu othanda umndeni wakhe. Ngiphilela umama, umfowethu nendodakazi yami eneminyaka emine. Yilapho engithola khona amandla okuqhubeka nomculo ngoba bakholelwa kakhulu kimi futhi bangeseka ngendlela eyisimanga,” kusho uRose ogamalakhe langempela uLikho Zinyana.

Uthe uthathe yonke imali abenayo ekhipha umculo ngakho usenethemba lokuthola inkampani ezokwenza izinto zibe lula kuye.

Lo mculi (35) wamapiano uthe yize engumuntu onamahloni kodwa umculo umenza avuleleke. Ngomculo ukhuluma ngadlule kukho nasazifisela ukukuzuza.

“Umculo wami kahle hle yi-Afro Pop kodwa ngenxa yendlela oshintsha ngayo sengiphinde ngenze amapiano. Njengomculi ngivuleleke ukusebenzisana nanoma owenza hlobo luni ngoba ngike ngenza neRnB.”

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...