Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Umculi uthi abalandeli ‘mabamxege’

Umculi uthi abalandeli ‘mabamxege’

by | 30 March 2025

UMCULI wama-piano, uScotts Maphuma uthi usekhathele ingcindezi yodumo, akasakwazi ukufana nabanye abantu. Le nsizwa yaziwa ngezingoma ezishisayo phakathi kwazo okubalwa ethi Yebo Lapho, Shay’moto, Amalunde nezinye. Ekhasini lakhe lezokuxhumana ubhale ukuthi akasiyo imali, ngakho-ke akalindele ukuthandwa yiwo wonke umuntu.

“Angikwazi ukubhekana nento yokuthi angisenayo impilo yangasese. Angisakwazi nokuya e-mall ngithenge izicathulo nokuyinto ebengiyenza eminyakeni eyedlule- manje sekumele ngicabange ukuthi kunabazofuna ukushutha nami. Kulungile anginankinga uma kuyisithombe, kodwa angikwazi ukuthi ngibe uScotts Maphuma umzuzu nomzuzu. kanti ngiyoba nini yimina?”


Uthi abantu baseNingizimu Afrika kabandaba nabo bengosaziwayo. “Kungabe usezinhlungwini noma kawukho esimweni somoya esihle, kungaba yinoma yini. Akusikho ukuthi ngihlezi ngisestudiyo ngenza umculo. Kungani kumele ngikuqonde ngasosonke isikhathi ukuthi labantu bangabalandeli bami. Umuntu umtshele ukuthi namhlanje angithandi ukushutha isithombe, bakuthathe ngokuthi uluhlaza. Manje kumele nginike abantu isikhathi ngenkani ngenxa yokuthi ngiyilomuntu engiwuye? Ngiyaxolisa, ngikhanseleni South Africa – mhlawumbe nizongishayisayisa ngomoya,” esho.

Ezisematheni

URadebe uzofakaza egameni le-ANC kwelokufa lukaLuthuli

URadebe uzofakaza egameni le-ANC kwelokufa lukaLuthuli

KULINDELEKE ukuthi kufakaze i-ANC ecaleni eliqhubekayo lokuphenya ngokufa kweNkosi Albert Luthuli eNkantolo ePhakeme yaseMgungundlovu. UMnu Jeff Radebe ohola ithimba elichitshiyeliwe KwaZulu Natal kulindele afakaze egameni le-ANC ngoLwesibili mhla ka-22 kuNdasa...

Kugxekwe uShivhambu iMK Party yaziqhelelanisa naye

Kugxekwe uShivhambu iMK Party yaziqhelelanisa naye

UMNYANGO wezobuLungiswa eNingizimu Afrika ugxeke uNobhala Jikelele we-MK Party uMnu Floyd Shivhambu ngokuvakashela ibandla likaMfu Shepherd Bushiri i-Enlightened Christian Gathering eMalawi. UShivhambu uhambele kuleli bandla ukuzoba yingxenye yenkonzo yalo yePhasika....

Kuboshwe 10 ngokushayela bedle amponjwana eKZN

Kuboshwe 10 ngokushayela bedle amponjwana eKZN

KUBOSHWE abantu abangaphezulu kweyishumi ngokushayela bedle amanzi amponjwana kule mpelasonto yePhasika esifundazweni KwaZulu Natal. Kule mpelasonto ezokuphepha emgwaqweni yesifundazweni ibiqinisiwe ngenhloso yokunqanda izingozi ezinyantisayo ezingenzeka njengoba...