Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Umculi uthi abalandeli ‘mabamxege’

Umculi uthi abalandeli ‘mabamxege’

by | 30 March 2025

UMCULI wama-piano, uScotts Maphuma uthi usekhathele ingcindezi yodumo, akasakwazi ukufana nabanye abantu. Le nsizwa yaziwa ngezingoma ezishisayo phakathi kwazo okubalwa ethi Yebo Lapho, Shay’moto, Amalunde nezinye. Ekhasini lakhe lezokuxhumana ubhale ukuthi akasiyo imali, ngakho-ke akalindele ukuthandwa yiwo wonke umuntu.

“Angikwazi ukubhekana nento yokuthi angisenayo impilo yangasese. Angisakwazi nokuya e-mall ngithenge izicathulo nokuyinto ebengiyenza eminyakeni eyedlule- manje sekumele ngicabange ukuthi kunabazofuna ukushutha nami. Kulungile anginankinga uma kuyisithombe, kodwa angikwazi ukuthi ngibe uScotts Maphuma umzuzu nomzuzu. kanti ngiyoba nini yimina?”


Uthi abantu baseNingizimu Afrika kabandaba nabo bengosaziwayo. “Kungabe usezinhlungwini noma kawukho esimweni somoya esihle, kungaba yinoma yini. Akusikho ukuthi ngihlezi ngisestudiyo ngenza umculo. Kungani kumele ngikuqonde ngasosonke isikhathi ukuthi labantu bangabalandeli bami. Umuntu umtshele ukuthi namhlanje angithandi ukushutha isithombe, bakuthathe ngokuthi uluhlaza. Manje kumele nginike abantu isikhathi ngenkani ngenxa yokuthi ngiyilomuntu engiwuye? Ngiyaxolisa, ngikhanseleni South Africa – mhlawumbe nizongishayisayisa ngomoya,” esho.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...