Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Ushadelwe umndeni ungazi umculi wowokholo

Ushadelwe umndeni ungazi umculi wowokholo

by | 25 August 2026

USHAQISE amalungu omndeni umembeso nomashado womculi we-gospel, u-Ayanda Ntanzi. Kubikwa ukuthi lo mcimbi wenziwe isinyenyela, umndeni ungazisiwe ngawo.

Kuthiwa u-Ayanda wembese uNkz Gcina Zungu, eMtubatuba ngoMgqibelo, qede bashada. Ngokuthola kweLANGA, uNtanzi akahoshelani nomndeni wakhe nakuba kungaveli isizathu sokuxabana komndeni. Kuvela ukuthi lo mcimbi ufihlelwe ngisho abasondelene naye lo mculi, njengoba kuthiwa abanye babo baqale ukuthola izimemo ngoLwesine ebusuku, zithunyelwe ngohlelo lokuthi babone kanye (view once) kuWhatsApp, nokuthi bagqoke kanjani kanti abanye baze ngoLwesihlanu.

Ilungu lomndeni elixoxe neLANGA uMnu Khulekani Ntanzi okungumfowabo ka-Ayanda, lithe bawubone ezinkundleni zokuxhumana lo mcimbi. Uveze ukuthi kuno- kungaboni ngaso linye okukhona emndenini okuyikhona okwenze ukuthi bangamenywa emcimbini walo mculi. Uthi lilodwa ilungu lomndeni ebelikhona eMtubatuba.

“Kunezinkinga zomndeni engingathandi ukuzidalula, kodwa-ke ngoba yimina omdala ekhaya, yimina okufanele azilungise ngoba asisenabo abazali. Ngithemba uNkulunkulu ukuthi uzosilekelela, sibuyisane ngoba siyizingane zandawonye. Akukho esitshelwe khona ngawo lo mcimbi, kodwa sizwile ngenzwa bethi ukuthi uzobe embesa ngempelasonto ekhweni lakhe eMtuba,” kusho uKhulekani.

Uthi konke kwenziwe isigubhukane, ungazisiwe umndeni. Uveze ukuthi uNkz Zungu ngowesibili ukulotsholwa yilo mculi, njengoba ebebambisene nentokazi yakwaMkhize phambilini.

“Kusemahlombe ami ukuthi siyilungise le nkinga ngoba u-Ayanda useyingane, ezinye izinto uzenza ngendlela yakhe,” esho.

Imizamo yokuthola u-Ayanda kayiphumelelanga, belukhala lungabanjwa ucingo lwakhe. Kwi-video yalo mcimbi ebonwe yiLANGA, u-Ayanda ubonakala etshela isithandwa sakhe ukuthi uyasithanda wabe esesifaka indandatho.

Ezisematheni

Kwexwayiswa abafundi bakamatikuletsheni ngokukopela

Kwexwayiswa abafundi bakamatikuletsheni ngokukopela

UVUSELELE isixwayiso sokukopela kubafundi bakamatikuletsheni uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal. NgoLwesihlanu eVukuzakhe High School eMlazi, eThekwini, bekuhlangene abazali, othishanhloko bezikole, izinyunyana zothisha nababhekelele ukubhalwa kwezivivinyo kwezemfundo...

Senyuke kakhulu isibalo sabazobhala izivivinyo zika-matric

Senyuke kakhulu isibalo sabazobhala izivivinyo zika-matric

SIPHEZULU kakhulu emlandweni wakuleli zwe isibalo sabafundi ababhalisele ukubhala izivivinyo zikamatikuletsheni kulo nyaka. Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNkz Siviwe Gwarube (osesithombeni) ngeSonto ethula umbiko ngezinhlelo zikazwelonke...

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

KUBULAWE abesifazane abathathu kwathi owesilisa walimala kanzima izolo ebusuku. Lesi sigameko senzeke endaweni yobumnandi eMlanjeni Lifestyle,eNqopheni eMtubatuba. Kakucaci ukuthi umsolwa ubangeni nalaba kodwa kuvela ukuthi omunye wabo ubeyintombi yakhe. Umsolwa...