Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Owe-Ink Kasi Xperience nesicelo kuMasipala weTheku

Owe-Ink Kasi Xperience nesicelo kuMasipala weTheku

by | 9 November 2025

NGUMNU Philani “Splash” Ngwenya, ohlela umcimbi waminyaka yonke, i-Ink Kasi Xperience, ozokuba ngomhla ka-15 kuDisemba ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.

BABAMBE umoya abahleli bemicimbi emikhulu yamaholide kaDisemba, ngesicelo abasifake kuMasipala weTheku, sokuthi uxegise imithetho yesikhathi sokuvalwa kwemicimbi ngalesi sikhathi sonyaka.

UMasipala weTheku unomthetho wokuthi yonke imicimbi yokujabula kumele ivalwe ngo-12 phakathi kwamabili, kanti lesi sinqumo siyabashaya abahleli bemicimbi emikhulu.

UMnu Philani “Splash” Ngwenya, ohlela umcimbi waminyaka yonke obizwa nge-Ink Kasi Xperience, ozokuba ngomhla ka-15 kuDisemba, ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, uthi uyabahlukumeza lo mthetho, njengoba ungeke ugcine ngokulimaza imicimbi yabo kuphela, kodwa nezokuvakasha zizoshayeka.

“Akekho umuntu ozosuka kwelinye idolobha noma kwesinye isifundazwe eze emcimbini ozoba seThekwini, ekubeni uzosheshe uphele esafisa ukuqhubeka nobumnandi.

“Lokhu kungabeka impilo yabo engcupheni uma sekumele bashayele ebusuku, bebuyela emakhaya, bengasitholanga nesikhathi sokuphumula kahle ngaphambi kokungena emigwaqweni,” esho.

Nabanye abahleli bemicimbi bazwakalisa ukukhathazeka ngalo mthetho.

“Esikucelayo wukuthi umasipala usizwele, futhi usibhekelele ngoba imicimbi efana nowe-Ink Kasi Xperience, ulanda izinkumbi zabantu abasuke bezimisele ukuzojabula ngendlela ephephile ubusuku bonke, endaweni abazozizwa bephephile kuyona,” esho.

USplash ubekhuluma neLANGA Lempelasonto ngoLwesibili, ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni lo mcimbi walo nyaka, ozokwenzeka ngendlela ehlukile.

Kulo nyaka kuzokuba neziteji ezimbili, njengoba kwesikhulu kuzosina kudedelane izintandokazi okubalwa kuzona uMaphorisa, uKabza De Small, uMorda, uMawhoo, uTira, u-OK Malumkoolkat, uZola 7, iDistruction Boyz, iBlaq Diamond, uDladla Mshunqisi, uDankie Boi, uBabes Wodumo, iWe Dem Boyz, uMgilane, iBig NUZ, uNtencane, uHappygal, uZakwe, uDuncan, uTDK Macasette, uWobbly, uC’ndo, uBerry & Shakur, uSjerere nabanye.

Abaphathi bohlelo nguFlymotion, nguNgizwe Mchunu, nguThah Simelane, nguNgabade, nguMdonso, nguBingelela, nguScrewdriver noMzwezwe (boZalo), nguGap nabanye. Amathikithi alo mcimbi aseqalile ukutholakala eTicketpro kusukela ngo-R200 kuya ku-R400 awezicukuthwane.

Usihlalo wekomidi lezokuvakasha nokuhlelwa kwemicimbi kuMasipala weTheku, uMnu Thembo Ntuli, uvumile ukuthi bakhona abahleli bemicimbi asebekhalile ngezikhathi zokuvalwa kwemicimbi.

Uthe kunekomidi elisehhovisi leMenenja kaMasipala, elicubungula lezi zicelo, kanti unethemba lokuthi sizoba khona isixazululo esizokwazi ukuvuna bonke abathintekayo.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...