Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Izovela enkantolo ngecala lokuthunaza imeya yaseMhlathuze

Izovela enkantolo ngecala lokuthunaza imeya yaseMhlathuze

by | 26 August 2025


SELIPHINDE lavuka icala lokuthunaza isithunzi somuntu, elavulelwa iMeya kaMasipala uMhlathuze, uMnu Xolani Ngwezi.

Lokhu kuqinisekiswe yincwadi yeNational Prosecuting Authority (NPA) egunyaza ukuba ashushiswe uNgwezi ngaleli cala. UNgwezi uzovela eNkantolo yaseRichards Bay ngomhla ka-3 kuMfumfu (October).

Ezinyangeni ezimbili ezedlule, uNgwezi ubesematheni ngesikhathi kusabalala ezinkundleni zokuxhumana imibiko yokuthi uboshiwe ngecala lokwehlisa isithunzi. Nokho uMasipala uMhlathuze wayichitha leyo mibiko, wathi ingamanga aluhlaza.

Umasipala waveza ukuthi uNgwezi waziyela yena emaphoyiseni, emuva kokuzwa ukuthi kunecala lokuthunaza isithunzi avulelwe lona.

Kwakufanele avele okokuqala enkantolo ngomhla ka-24 kuNhlangulana (June), kodwa wangabe esavela ngenxa yokuthi iNPA ngaleso sikhathi, yenqaba ukumshushisa ngesizathu sokuthi icala lalingenabufakazi obubambekayo.

Icala abhekene nalo lavulwa ngusomabhizinisi uMnu Cyril Paton, onenkampani yezokuphepha. Phambilini umasipala wathi uNgwezi uboshelwe amanqina enyathi, okwenzekayo kuyimizamo yepolitiki yokudala ungabazane emphakathini ngobuholi bakhe.

Ngakolunye uhlangothi, uMnu Christo Botha, oyiSekela leMeya yena uzovela eNkantolo eRichards Bay, ngomhla ka-3 kuMandulo (September) nonyaka, lapho ezobhekana khona necala lokusabisa nelokwehlisa isithunzi.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...