Ilanga News
Home 9 Featured 9 Umhlangano wongqongqoshe nomhlahlandlela wenkulumo kamengameli

Umhlangano wongqongqoshe nomhlahlandlela wenkulumo kamengameli

by | 29 January 2025

KUBHEKWE ukuthi uqhamuke nomhlahlandlela wenkulumo yesizwe ezokuwethulwa ngumengameli umhlangano wongqongqoshe abangaphansi kukahulumeni wenhlanganisela (GNU) ozothatha izinsuku ezimbili.

Lo mhlangano obizwa ngeCabinet Lekgotla uqala ngoLwesithathu ePretoria njengoba kulindeleke ukuthi uphothulwe goLwesihlanu.

Uqhamuka ngemuva kwesonto uMengameli Cyril Ramaphosa esayinde umthetho wokubuyiselwa komhlaba.

URamaphosa usayinde lo mthetho ngoLwesine eledlule njengoba kunenge inqwaba yamaqembu adlelana nawo kwi-GNU ikakhulukazi iDA ephumele obala ngokungahambisani naye ngalokhu.

Kubikwa ukuthi lo mhlangano weLekgotla yiwona ozoba wumhlahlandlela wokuyaphambili kulo nyaka njengoba kubhekwe ukuthi amaqembu angaphansi kwe-GNU abambisane futhi asebenzisane.

Ezisematheni

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

NGUSOTSWEBHU uMkhulu weKhokhasi ye-IFP esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uMnu Blessed Gwala. UBUHOLI beNkatha Freedom Party (IFP) esiShayamthetho saKwaZulu-Natal buthi usazoqhubeka usebenze ngendlela uhulumeni wesifundazwe owakhiwe yinhlanganisela yamaqembu. I-IFP...

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

SELISEZIKHINDINI isoka lentokazi eveze izithombe enkundleni yezokuxhumana ikhala ngokungatholi ubulungiswa. Amaphoyisa akwaSAPS eKZN akhiphe isitatimende ecacisa ngodaba lukaNkz Snenhlanhla Nenezana Mthembu ofake izithombe zakhe kanye nezesoka lakhe elimshayayo athi...

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

I-AFRICAN National Congress (ANC), ithi ngeke ithule uma kukhona izwe elihlukumeza abantu abangenacala. Lokhu kulandela umsindo osuswe ukugasela kweMelika eVenezuela, ngoMgqibelo, yathumba uMengameli wakhona uMnu Nicolas Maduri, nomkakhe. UNobhala we-ANC, uMnu Fikile...