Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Bazobhema bakholwe abathandi bomculo kwiJoy of Jazz yalo nyaka

Bazobhema bakholwe abathandi bomculo kwiJoy of Jazz yalo nyaka

by | 6 September 2025

NGUDKT Xolisa Dlamini, ozonandisa kwiJoy of Jazz Festival.

UMCULI weJazz ozinze eThekwini, kodwa ozalwa e-Eastern Cape, uDkt Xolisa Dlamini uth ujabule uyafa ngokuba sohlwini lwabaculi abazonandisa kwiStandard Bank Joy of Jazz (SBJOJ) nonyaka.

UXolisa owaziwa ngenye yezingoma zakhe ethi, “Menemene Tekele”, uthi akakholwanga ethola e-email nocingo luvela ngqo kumdidiyeli omkhulu wale festivali, uNkk Mantwa Chinoamadi, ophinde abe yiCEO yeT-Musicman, okuyinkampani ehlela lo mcimbi, emazisa ukuthi bafisa abe yingxenye yawo kulo nyaka.


“Ngehlelwa yizinyembezi ukuthi kanti uNkulu-nkulu wami nami ngiyaziwa, kanti ngiyabonakala,” kusho uXolisa.

Uthi ukubizwa ukuba uyonandisa kwiJoy of Jazz akuyona into encane, ngenxa yezinga eliphezulu lale festivali. Uthi uma ebheka ozakwabo abasohlwini azobe enandisa nabo, ugcwala uhlevane. UXolisa uthembisa abathandi bomculo wakhe ubumnandi bodwa njengoba ethi amanoni azo-wadonsa asukela kwi-albhamu yakhe yokuqala.

Okuqaphelekayo wukuthi nonyaka lenyuke ka-khulu izinga lale ndumezulu ezoba ngomhla ka-26, kuya kumhla ka-28 kule nyanga eSandton, eGoli. Izinga layo libuyele ezingeni elalikuyo ngaphambi kokugadla kweCovid-19, eyaphazamisa izinto eziningi.

Nakuba kungelula ukubala zonke izingwazi ezi-zothokozisa izihlwele kuleli dili lomculo we-jazz, kodwa kwabaqavile singabala iJazz At Lincoln Centre Orchestra ehambisana noWynton Marsalis (USA); uBenjamin Jephta Quintet (SA); u-Espera-nza Spadling (USA); uJose James (USA); u-Andile Yenana (SA); uThandi Ntuli (SA); u-Oumou Sanga-re (Mali); uSylent Nqo (Zimbabwe); uKyle Shephe-rd Trio (SA); uSteve Dyer (SA); uSiya Makuzeni (SA); uMandla Mlangeni (SA); iNajponk Trio (Czech Republic); nabanye abaningi.

UNkk Chinoamadi uthi umsebenzi omkhulu wokuhlela nokwenza wonke amalungiselelo ale festivali, uba yimpumelelo ngenxa yethimba asebenzi-ana nalo, nabo bonke ababambisene nabo, okubandakanya nabemithombo yezindaba abaneqhaza ekuqhakambiseni lo mcimbi. Ubatusa kakhulu abezindaba ngomsebenzi wabo.

Uthi isizathu esibenze banquma ukuthi nonyaka le festivali ibe yizinsuku ezintathu, yingenxa yezikhalo abazitholile ngonyaka odlule zabantu aba-sindwe yizinyawo, bagcina bengawatholanga amathikithi athengwa ubuthaphuthaphu.

Uthi nakuba umcimbi usuyizinsuku ezintathu, kodwa abantu mabakugweme ukutatazela ngomzuzu wokugcina ngoba kungenzeka bangabe besawathola amathikithi. IStandard Bank Joy of Jazz ithathwa njengefestivali ehamba phambili yomculo we-jazz, ngenxa yokwehluka kwayo kulawa amanye e-jazz avame ukudidiyela izinhlobo ezahlukene zomculo.

Nakuba nakhona kwiJoy of Jazz bemenywa nabanye abaculi bolunye uhlobo lomculo okuyiRnB, i-Afropop, neSoul Music, kodwa baba yingcosana – baba yingxenye ewu-10% bese kuthi abaculi be-jazz ngqo babe wu-90%. UNkk Chinoamadi uthi abazimisele ngokuguquka kulokhu.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...