
KWEHLUKENE imibono ngentela ka-20%, ihhovisi lomgcinimafa kuzwelonke elihlongoza ukuyikhokhisa izinkampani zokugembula online, ngenzuzo eziyenza ngezakhamizi zaseNingizimu Afrika.
Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe wezeMali kuzwelonke, uMnu Enoch Godongwana ngoLwesihlanu, ephendula umbuzo welungu lePhalamende leRise Mzansi, uMnu Makashule Gina, mayelana nokuthi sezihambe zafikaphi izingxoxo ngale ntela.
NgoLwezi (November) nyakenye, umnyango kaGodongwana ucele iziphakamiso ezinhlakeni ezithintekayo, mayelana nale ntela ohlose ngayo ukuqoqa imali engaphezulu kuka-R10 billion ngonyaka, ezosiza nasezinhlelweni zokuqwashisa nokulekelela abantu abacwile ekugembuleni. Uthi kulo nyaka umnyango uzobamba izimbizo nezinhlaka ezithintekayo, ukudingida izimvo zazo, bese uthatha isinqumo okubhekwe ukuba sibe yingxenye yesabelomali sikazwelonke sangoNhlolanja (February) wonyaka ozayo.
Inhlangano iFree Market Foundation (FMF), ithi le ntela ka-20%, ngeke igcine ngokubukela phansi ukuzimela kwezinhlangano ezilawula ukugembula ezifundazweni, kodwa izoshaya namaphanta njengoba izinkampani zizokwenza izaba zokubhekana nokulahleka kwenzuzo.
Ithi izinkampani zokubheja zizokwenza izinguquko, okubalwa kuzona ama-odds ancishisiwe, nokuncisha ababheji imihlomulo efana nama-deposit bonus, ama-free spins, ama-cashback rewards, neminye. Ithi lokhu kuunobungozi bokuthi kuzokwenza amaphanta agcine ekhetha ukusebenzisa izinkampani zaphesheya kwezilwandle ukubheja, njengoba zona zingayikhokhi intela, ngakho-ke ziba nemihlomulo engcono.
“Izinkampani zokubheja online okwamanje, zikhokha intela ewu-8%, ezifundazweni ezinamalayisensi okusebenza ngaphansi kwazo. Njengoba uhulumeni ufuna ukusungula intela kazwelonke ka-20%, kusho ukuthi intela isiyonke iyokuba wu-28%, okuzokuba wumthwalo ezinkampanini zokubheja online,” kusho isitatimende seFMF.







