
UVEZE izinguquko zekhalenda lezikole zikahulumeni, okulindeleke ukuba liqale ukusebenza ngonyaka ozayo, uMnyango weMfundo eyisiSekelo.
Lokhu kuza ngemuva kokuba lo mnyango uveze ezinye zezinhlelo zawo zokulungela unyaka wemfundo ka-2026. UMnyango uthi ngonyaka ozayo kulindeleke ukuba kuqale izinguquko ekhalendeni lezemfundo. Uthi lezi zinguquko zizosebenza kahle njengoba ezinye zazo bese kuqalile ukuhlolwa kokusebenza kwazo kule minyaka emibili edlule, kanti ezinye umphakathi usenaso isikhathi sokuphawula ngazo, njengoba kulindeleke ukuba ukusebenza kwazo kube phakathi kuka-2027 no-2028.
Phakathi kwezinguquko zonyaka ozayo, babalule ukushintsha kohlelo lokuvulwa kwezikole nokuqala kokufunda ngezikhathi ezehlukene kwezifundazwe.
“Umnyango ususe emthethweni oshicilelwe phansi uhlelo lokuhlukanisa izifundazwe ngokwama-cluster. Phambilini izifundazwe iGauteng, yiFree State, yiLimpopo, yiMpumalanga neNorth West bezingaphansi kwe-Inland Cluster. IKwaZulu-Natal, yiNorthern Cape, yi-Eastern Cape neWestern Cape bezaziwa ngeCoastal Cluster.
“Umthetho obushicilelwe phansi bewuthi izikole zakulezi zifundazwe kazivuli kanye kanye. Lezi ze-Inland bezijwayele ukuvula ngesonto lesibili lokuqala konyaka, bese ezeCoastal zivulwe ngelesithathu. Lokhu bekuholela ekutheni nokuya emakhefini kube ngezikhathi ezehlukene.
“Ukususwa kwesigaba salolu hlelo emthethweni, kusho ukuthi zonke izikole ezifundazweni eziwu-9 sezizosebenzisa ikhalenda eyodwa, zivule ziphinde zivale ngesikhathi esisodwa,” kusho isitatimende somnyango.
Siqhuba sithi umthetho omdala bewungavumelani nokuthi izikole zivulwe ngoMsombuluko ngenhloso yokunika izisebenzi ikakhulukazi lezi ezinamahostela, isikhathi sokulungiselela ukwemukela abafundi.
“Esinye sezizathu ngalo mthetho bekuwukuzama ukugwema isi-minyaminya emigwaqweni ngamaSonto njengoba abantu abaningi besuke bephuma emakhaya beya emisebenzini. Bekubonakala ukuthi uma nabafundi bezoqala ngoMsombuluko, isiminyaminya sizokuba sikhulu kakhulu.
“Ukwesulwa kwalo mthetho kusho ukuthi abahleli bekhalenda elisha kuzomele bahlele ngenye indlela ukuze wonke umuntu othi-ntekayo ezokwazi ukuzilungiselela,” besho.
Abomnyango bathi ngalezi zinguquko bahlose ukwandisa isi-khathi sokufunda nokufundisa, ku-gwenywe ukuqalwa kokufunda sekwedlule isikhathi eside.






