Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Ungqongqoshe nesexwayiso ngemibhikisho kaJune 30

Ungqongqoshe nesexwayiso ngemibhikisho kaJune 30

by | 27 June 2026

UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa kuzwelonke osabambile uMnu Feroz Cachalia (osesithombeni) uthi bazozizwela ulaka lwengalo yomthetho abazophehla udlame ngosuku lwemibhikisho ehlongozwayo, ezokuba ngoLwesibili, okuhloswe ngayo ukuxosha abantu abakuleli ngokungemthetho.

Kulindeleke imibhikisho ezweni lonke ngomhla ka-30 June njengoba lolu kuwusuku ababhikishi abalubeke njengomqamla-juqu wokuthi kumele sebehambile ngalo abantu abangenamaphepha. Lokhu sekuvuse itwetwe kubantu bokufika njengoba kunezinkumbi eseziphumele obala, zacela usizo lokugodukiswa zibuyiselwe emazweni azo: abanye sehambile ngamabhasi kanti abanye basezindaweni zokulindela.

Noma kunjalo, uhulumeni uthi uLwesibili kuzokuba wusuku nje olwejwayelekile. UCachalia uthi imibhikisho yokuxosha abokufika inomthelela omubi kwezomnotho futhi ilimaza ubudlelwano belakuleli namanye amazwe.

“Labo abahlela udlame kule mibhikisho, bacekele phansi impahla noma kufe abantu, bazobhekana nengalo yomthetho. Angazi noma bayazi yini ukuthi ngamunye ngamunye angashushiswa ngayedwana, ngokwephulwa komthetho emamashini abawahlelile,” esho.

Uthe amaphoyisa ami ngomumo ukuqinisekisa ukuthi imibhikisho ehleliwe iba nokuphepha nokuthula. Uthe uzohlangana nongqongqoshe wezokuvikela nondukankulu bezifundazwe ukuze kusetshenziswane.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...