Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Ungqongqoshe nesexwayiso ngemibhikisho kaJune 30

Ungqongqoshe nesexwayiso ngemibhikisho kaJune 30

by | 27 June 2026

UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa kuzwelonke osabambile uMnu Feroz Cachalia (osesithombeni) uthi bazozizwela ulaka lwengalo yomthetho abazophehla udlame ngosuku lwemibhikisho ehlongozwayo, ezokuba ngoLwesibili, okuhloswe ngayo ukuxosha abantu abakuleli ngokungemthetho.

Kulindeleke imibhikisho ezweni lonke ngomhla ka-30 June njengoba lolu kuwusuku ababhikishi abalubeke njengomqamla-juqu wokuthi kumele sebehambile ngalo abantu abangenamaphepha. Lokhu sekuvuse itwetwe kubantu bokufika njengoba kunezinkumbi eseziphumele obala, zacela usizo lokugodukiswa zibuyiselwe emazweni azo: abanye sehambile ngamabhasi kanti abanye basezindaweni zokulindela.

Noma kunjalo, uhulumeni uthi uLwesibili kuzokuba wusuku nje olwejwayelekile. UCachalia uthi imibhikisho yokuxosha abokufika inomthelela omubi kwezomnotho futhi ilimaza ubudlelwano belakuleli namanye amazwe.

“Labo abahlela udlame kule mibhikisho, bacekele phansi impahla noma kufe abantu, bazobhekana nengalo yomthetho. Angazi noma bayazi yini ukuthi ngamunye ngamunye angashushiswa ngayedwana, ngokwephulwa komthetho emamashini abawahlelile,” esho.

Uthe amaphoyisa ami ngomumo ukuqinisekisa ukuthi imibhikisho ehleliwe iba nokuphepha nokuthula. Uthe uzohlangana nongqongqoshe wezokuvikela nondukankulu bezifundazwe ukuze kusetshenziswane.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...