
USOMABHIZINISI waseNorth West, uMnu Brown Mogotsi, usetshele iKhomishinni yeJaji uMbuyiseli Madlanaga, ehleli eBridgitte Mabandla Justice College, ePretoria, ukuthi iSilo uMusuzulu kaZwelithiniu noMkhuzi wamaPhoyisa eKZN, uJenene Nhlanhla Mkhwanazi, basebenzela uphiko lwezobunhloli lwaseMelika, iCentral Intelligence Agency (CIA).
UMogotsi, ebuzwa ngoholo ubufakazi kule khomishini, u-Adv Matthew Chakalson, uthe lokhu kuvezwe ngesikhathi izwe laseNingizimu Afrika, limangalela elakwa-Israel, kwi-International Criminal Court, ngokuhlukumeza ibasePalestine. Uthi okuqinisa lezi zinsolo, wukuthi iSilo uMisuzulu, safunda eMelika, kanti noJenene Mkhwanazi, wathola okunye ukuqeqeshwa eMelika.
Uthe waxoxa nowayengungqongqoshe wamaphoyisa, ongasekho, uMnu Nathi Mthethwa, naye owathi uyasola ukuthi uJenene Mkhwanazi usebenza neCIA. UMogotsi uzivumele yena ukuthi ubesebenzela umshoshaphansi nophiko lwezobuhloli olubhekene kuleli (crime intelligence).
Uthi uye eThekwini ngemuva kokuzwa ukuthi, uMnu Vusimuzi “Cat” Matlala, wayezohlangana noJenene Mkhwanazi, “owayezomsiza” enkingeni ayebhekene nayo, ngoba amaphoyisa ayesezithendeni zakhe.
UMogotsi uthi usebenze nomshayeli wemoto ekhokhelwa ngebanga (i-Uber), ecathamela, uMatlala noMkhwanazi, lapho babeyohlangana khona, eMhlanga, eThekwini. Uthi, utshelwe nguMatlala eseboshiwe ejele laseKgosi Mampuru, ukuthi umuntu ayezohlangana, naye kwakunguJenene Mkhwanazi.
UMatlala wamtshela emfonela esejele, ukuthi washaqeka ngemuva kokuba uJenene Mkhwanazi, esebize isithangami sabezindaba, ngomhla ka-6 kuNtulikazi (July), esedalula igama lakhe kubantu ababefunelwa inkohlakalo.
Khonamanjalo, umhlangano wesigngu esiphezulu se-ANC, obuhleli ngempelasonto, eGauteng, uthathe isinqumo sokuthi iKhomishini kaMadlanga, ayingaphazanyiswa. Bekushubile kulo mhlangano, njengoba uMengameli Cyril Ramaphosa, ngesikhathi esegoqa umhlangano, kukhishwe abezindaba, endaweni obubanjelwe kuyo.
Kukhulunywe ngencwadi esabalele, ethi uMengameli Ramaphosa, akakhishwe esikhudleni sokuhola inhlangano, kuqokwe uMnu Thabo Mbeki, ukuthi ahole ikomidi elizoqokelwa ukubuyisela inhlangano esimeni esigculisayo, kuze kuba yingqunqguthela yokukhetha ubuholi ngo-2027.






