UMosimane ufuna uTau osephenduke ifenisha kwi-Al Ahly

172

SENZO SOKHELA

UPITSO “Jingles” Mosimane osanda kuqashwa yi-Esteghlal yase-Iran edlala kwiPersian Gulf Pro League, “weshela” umdlali uPecy Tau (osesithombeni) asebenze naye isikhathi eside esakwiMamelodi Sundowns ngenhloso yokuba ayomtakula njengoba ebhekene nomqansa wokubuyisa isithunzi sale kilabhu aseyiqeqesha. Kuvela lokhu nje, vele uTau izinto kazimhambeli kahle, isikimu usizwa ngendaba kwi-Al Ahly, yase-Egypt. Ziya ngokuqina nezinsolo zokuthi angase akhululwe.

UMosimane uqashwe yile Esteghlal emasontweni ambalwa edlule. Uqale kabi njengoba ehlulwe emidlalweni emithathu ilandelana.

Wehlulwe kwemibili yeligi nakowodwa we-AFC Champions League. Nokho usibuyisile isithunzi sakhe ewina okuqala, i-Esteghlal ihlula  iMes Rafsanjan ngo-1-0 koweligi ngo-Mgqibelo ebusuku. 

Umthombo waleli phephandaba uthe: “UMosimane uzama ngazo zonke izindlela ukunxenxa uTau ukuba ayomsiza njengoba izinto zimbhedela. Nguyena vele owasayina uTau kwi-Al Ahly esangumqeqeshi wayo. Empeleni ufuna ukumeboleka njengoba kuzovulwa iwindi (ngoJanuary) ukuze naye athole ithuba lokudlala.” 

Imizamo yokuthola uMosimane iphunzile njengoba ucingo lwakhe belungangeni. Inkontileka kaTau ne-Al Ahly iyaphela uma kusongwa le sizini.

Previous article“Ziyanda izinkinga” zeNFP
Next articleISadtu ayizisoli ngokulwisa owezemfundo