
KWENZEKE obekulindelekile uDkt Patrice Motsepe ekhethwa ihlandla lesibili njengomengameli wenhlangano eyengamele ibhola e-Afrika, iConfederation of African Football.
Uqokwa nje uMotsepe ubengabanga namuntu kulesi sikhundla njengoba abantu obekubhekwe ukuba abange nabo behoxile ezinyangeni ezedlule. Uzohlala kulesi sigqiki kuze kube wu-2029.
Unconywe ngeqhaza alibambile nomehluko afike nawo ebholeni lase-Afrika kusukela ethathe lesi sikhundla ngo-2021.
Okunye achonywa ngakho olwegwalagwala wukwenyuswa kwemihlomulo yemiqhudelwano yase-Afrika nomqhudelwano we-Africa Cup of Nations wanyakenye obe yimpumelelo.







