
NAMHLANJE ngomhla ka-27 kuNdasa (March) 2025 kuphela iminyaka emihlanu uMengameli uCyril Ramaphosa amemezela ukuvalwa kwezwe, ngenxa yokubheduka kobhubhane iCovid 19, olwabulala inqwaba yabantu.
URamaphosa wakhuluma bukhona kumabonakude, ememezela isigaba sesihlanu (Level 5) “sikathaqa”.
Abantu babephoqeleka ukufaka izifonyo uma bephumele ngaphandle, behlangana namalungu amanye omphakathi. Abantu kwakufanele bathole izincwadi ezibagunyazayo ukuphuma emakubo ngezikhathi ezithile. Uma beyothenga izinto ezitolo, ematekisini nasemabhasini, abantu babehlaliswa ngokuhlukana, beqhelelaniswa.
Utshwala nogwayi, kwakungadayiswa ezitolo. Abantu ababevunyelwe ukuba baye emisebenzini ngabezimo eziphuthumayo kuphela, njengabasebenza ezibhedlela, nabasezikhungweni zokuvikela, amaphoyisa namasosha.
Uma utholakala uthwayiza emgwaqeni ebusuku, wawuboshwa. Imingcwabo nemishado, yayihanjelwa ngabantu ababaliwe, kungavumelekile ukuthi beqe esibalweni esithile.
Imisebenzi, njengokuhlabela amadlozi kwakuyicala. Yinqwaba yabantu abalahlekelwa yimisebenzi ngoba amafemu ayediliza ngenxa yokuthi ayengasayenzi inzuzo, ngenxa kathaqa. Ngenxa yalokhu, uhulumeni wakhipha imali eyaqala yaba wu-R350.00, exhasa abantu ababengasebenzi nabasebelahlekelwe yimisebenzi.
Uhlelo nezigaba zikathaqa, zaziya ngokuya zibuyekezwa njengoba uze waphela ngo-2022, izinto sekuthiwa sezibuyela esimweni esejwayelekile ezweni.
menzi.jele@ilanganews.co.za.