Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Umphakathi nomcimbi wokubongela ‘usbari wezwe’ nowakwakhe

Umphakathi nomcimbi wokubongela ‘usbari wezwe’ nowakwakhe

by | 20 May 2026

UMPHAKATHI wakwaMduka, eHluhluwe, uthathe isinqumo sokujabulisa izithandani ezibe sematheni ezinkundleni zokuxhumana, emasontweni ambalwa edlule – uMnu Mphakamiseni Nxumalo noNkk Ayanda Mdluli-Nxumalo.

Lezi zithandani okwasabalala izithombemyakazo (videos) zazo, uNxumalo owayejabule ngokweqile ebhikla ingomal. Lokhu kujabula kwagcina kuholele ekutheni ateketiswe ngokuthi unguSbary wezwe.

Ngemuva kokusabalala kwalo mshado ezinkundleni zokuxhumana, abantu bakhombise ukuba nentshisekelo ngabo. ILANGA laba nengxoxo ekhethekile nabo, okwalandela uKhozi FM, ohlelweni iWoza naBangani Bakho, olushayelwa nguKhathide “Tshathugodo” Ngobe noSthandwa Nzuza.

Ngesikhathi bekhuluma neLANGA, bathola ithuba lokuchaza ngothando lwabo, bangakufihla ukuthi baswele, futhi bafisa ukuthola umsebenzi ukuze bakwazi ukukhulisa izingane zabo. ILANGA lithole ukuthi ngemuva kokusabalala kwama-video ngohambo lwalezi zithandani, umphakathi wakwaMduka uqoke ukuhlonipha lezi zithandani ngedili likamkhipheni, olihlelele inyanga ezayo.

Okhulumela ikomidi elisungule lo mcimbi, uMnu Sibusiso Ngwane, uthe bebengeke bahlale bazibe ekubeni lezi zithandani zibeke indawo yabo ebalazweni.

“Ngenhlanhla mina ngangivele ngingumkhongi wabo. Sasingazi ukuthi umshado wabo uzoduma kangaka. Siwumphakathi sithathe isinqumo sokuba sibenzele umcimbi, sibajabulise ngokujatshulelwa komshado wabo ngale ndlela, ezinkundleni zokuxhumana.
Umcimbi sizowubiza ngokuthi uMakhasa uBonga uSibary noMakoti weCountry. Izinto ezifuze lezi njengomphakathi akumele sizizibe. uma kukhona owenze kahle, kumele simveze,” esho.

Ucacise ukuthi umcimbi awunabo abaxhasi, kodwa bazozama ukuwenza ube seqophelweni eliphezulu. Unxuse abafisa ukufaka isandla ukuba balekelele.

“Siyafisa ukuthi noma ngubani ofisa ukufaka isandla, aphonse esivivaneni ngokukhululeka, ngoba lezi zithandani zikucacisile ukuthi zidonsa kanzima. Emcimbini kuzongenwa mahhala. Sizozama ukuthola abaculi abazonandisa.

“Izandla sizivulile nakuwona amaciko afisa ukuzofaka isandla, alekelele. Konke okuzotholakala ngalo mcimbi, sizokudlulisela kubona, ukuze babone ukuthi bayiqhuba kanjani impilo ukuya phambili. Isimo ababhekene naso sibi kakhulu, njengoba befisa ukuthola nomsebenzi.”


UNxumalo uthe uzwile ngomcimbi umphakathi wakubo owuhlongozayo.

“Okwamanje ngeke ngisho lutho. Uma kugcina kulungile, ngiyobonga kakhulu emphakathini wakithi,” eshaya ngamafuphi.

Lo mcimbi uhlelelwe ukuthi ube ngomhla ka-7 kuNhlangulana (June), ehholo kwaMakhasa kusukela ngo-10h00 ekuseni.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...