SKHOSIPHI MTHEMBU
AMAPHOYISA asebambe izidakamizwa echwebeni laseThekwini, okuthiwa zingabiza u-R80 million.
Kubikwa ukuthi lezi dakamizwa zitholwe kwi-container ebivela eBrazil. Ngokwemibiko, amaphoyisa ancinzwe indlebe ngomkhumbi osuke eBrazil ekuqaleni kukaNovember, obuthwele izidakamizwa zohlobo lwe-cocaine.
Kuthiwa lo mkhumbi uqashwe ngeso lokhozi, kwaze kwaba uyatheleka kuleli ngoMgqibelo. Ngokwamphoyisa, le container obekusolwa ukuthi inezidakamizwa ibe isiyiswa kwi-warehouse ekuSouth Coast Road, eBluff, lapho ifike yaseshwa khona.
Kuthiwa kungaleso sikhathi kutholwe khona lezi dakamizwa. Imibiko yamaphepha atholiwe iveza ukuthi lezi zidakamizwa bezisendleleni ebheke eGoli.
Amaphoyisa asaqhubeka nophenyo ukuthola abanikazi balezi zidakamizwa.