Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kubanjwe izidakamizwa ezingabiza u-R80 million echwebeni laseThekwini

Kubanjwe izidakamizwa ezingabiza u-R80 million echwebeni laseThekwini

by | 2 December 2024

SKHOSIPHI MTHEMBU

AMAPHOYISA asebambe izidakamizwa echwebeni laseThekwini, okuthiwa zingabiza u-R80 million.

Kubikwa ukuthi lezi dakamizwa zitholwe kwi-container ebivela eBrazil. Ngokwemibiko, amaphoyisa ancinzwe indlebe ngomkhumbi osuke eBrazil ekuqaleni kukaNovember, obuthwele izidakamizwa zohlobo lwe-cocaine.

Kuthiwa lo mkhumbi uqashwe ngeso lokhozi, kwaze kwaba uyatheleka kuleli ngoMgqibelo. Ngokwamphoyisa, le container obekusolwa ukuthi inezidakamizwa ibe isiyiswa kwi-warehouse ekuSouth Coast Road, eBluff, lapho ifike yaseshwa khona.

Kuthiwa kungaleso sikhathi kutholwe khona lezi dakamizwa. Imibiko yamaphepha atholiwe iveza ukuthi lezi zidakamizwa bezisendleleni ebheke eGoli.

Amaphoyisa asaqhubeka nophenyo ukuthola abanikazi balezi zidakamizwa.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...