Ilanga News
Home 9 Featured 9 Umphakathi uphoxe ungqongqoshe ngokungalubhadi emhlanganweni

Umphakathi uphoxe ungqongqoshe ngokungalubhadi emhlanganweni

by | 4 January 2025

UPHOXEKILE ngesenzo somphakathi wakwaMusi uNgqongqoshe wamaphoyisa uMnu Senzo Mchunu sokungalubhadi emhlanganweni wokudala ukuthula kule ndawo.

Impi yakule ndawo isiqhubeke isikhathi eside njengoba isidlule nemiphefumulo eminingi.

UMchunu ekhuluma namuhla eSihlahla seNkosi High school nokuyilapho kwagwazwa khona umfundi kwagcina sekukapekela ezindawene ezakhelene nayo.

Ekhuluma nabezindaba uthe uphoxekile ngalokhu.

“Sihlanganile nomphakathi wasoNyango wakhombisa ukuthi uzimisele ngokudala uxolo.

Sizobuya sihlele olunye usuku ngoba esikufunayo wukuba kudaleke ukuthula kulezi zigodi.

Uma kumele sikhulume siqimbile ukuze basizwe sizokwenza njalo ngoba inhloso yethu ukuba abantu bakithi baphile.,” kusho uMchunu.

UMfu Thulasizwe usole Induna yakwaMusi uMnu Maphi Zondo ngokuba yixoki okwenze abantu bangafika.

Kuphinde kwasolwa noNksz Noma Mbatha ngokuba ungqo shishilizi ekuvimbeni umphakathi.

Ezisematheni

Kusuke esinamathambo abesithembu bebangisana ngokungcwaba usokhaya

Kusuke esinamathambo abesithembu bebangisana ngokungcwaba usokhaya

KUSUKE esinamathambo eTatane, eMangweni, eMtshezi, ngeSonto, amalungu omphakathi egoduka engangcwabanga, abafelokazi ababili bakwaNyembe, bebanga isidumbu somyeni wabo. Ngokusho komthombo weLANGA, umbango uqubuke ngesikhathi amakhosikazi kaMnu Mthatheni Nyembe...