Ilanga News
Home 9 Featured 9 Umphakathi uphoxe ungqongqoshe ngokungalubhadi emhlanganweni

Umphakathi uphoxe ungqongqoshe ngokungalubhadi emhlanganweni

by | 4 January 2025

UPHOXEKILE ngesenzo somphakathi wakwaMusi uNgqongqoshe wamaphoyisa uMnu Senzo Mchunu sokungalubhadi emhlanganweni wokudala ukuthula kule ndawo.

Impi yakule ndawo isiqhubeke isikhathi eside njengoba isidlule nemiphefumulo eminingi.

UMchunu ekhuluma namuhla eSihlahla seNkosi High school nokuyilapho kwagwazwa khona umfundi kwagcina sekukapekela ezindawene ezakhelene nayo.

Ekhuluma nabezindaba uthe uphoxekile ngalokhu.

“Sihlanganile nomphakathi wasoNyango wakhombisa ukuthi uzimisele ngokudala uxolo.

Sizobuya sihlele olunye usuku ngoba esikufunayo wukuba kudaleke ukuthula kulezi zigodi.

Uma kumele sikhulume siqimbile ukuze basizwe sizokwenza njalo ngoba inhloso yethu ukuba abantu bakithi baphile.,” kusho uMchunu.

UMfu Thulasizwe usole Induna yakwaMusi uMnu Maphi Zondo ngokuba yixoki okwenze abantu bangafika.

Kuphinde kwasolwa noNksz Noma Mbatha ngokuba ungqo shishilizi ekuvimbeni umphakathi.

Ezisematheni

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...