Ilanga News
Home 9 Featured 9 Izinyunyana aziyivumi eyokuchithwa kwezempesheni yothitha eKZN

Izinyunyana aziyivumi eyokuchithwa kwezempesheni yothitha eKZN

by | 15 March 2026

ZISABISA ngokuthi kaluzoba bikho uzinzo kowezemfundo izinyunyana zothisha ezifuna ngodli imali yempesheni okumele ikhokhelwe abafuna ukusheshe bathathe umhlalaphansi.

UMengameli weNational Teacher’s Union (Natu), uMnu Sbusiso Malinga uthi bashaqekile ukuthi kungani iNhloko yoMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Nathi Ngcobo, ikhiphe isekhula ephuma eceleni njengoJosaka, ethi kazikho izicelo ezizokwemukelwa kulaba abafuna ukuthatha impesheni yabo njengamanje, ngoba kayikho imali emnyangweni wezemfundo.

Uthi njengoba uzwelonke usukhiphe isinqumo sokuthi othisha abaphakathi kweminyaka ewu-55 no-59, sebengafaka izicelo zokushesha bathathe umhlalaphansi, kumele kwenzeke lokho.

“Othisha abafake izicelo kumele bayithole imali yabo. Lokho okwenziwa nguNgcobo kusho ukuthi sekungowakhe lo mnyango, ushaya imithetho yakhe ephambene nowezemfundo kuzwelonke. Othisha bayayidinga le mali ukuze bafundise izingane zabo, banwebe imizi yabo. Ngakho-ke, sithi laba abaphoqwa yizimo zokuthi bathathe impesheni, mabalithathe leli thuba,” kusho uMalinga.

Uthi ukungabi khona kwemali, kakubathinti othisha. Uthi isekhula ikuqedile ukwethembana phakathi kwezisebenzi ngemali yazo, eziyibekelwa wuhulumeni.

“Iyephi imali yothisha? Mabahambe bayoyifuna ngoba kasazi ukuthi imali ishonaphi eMnyangweni wezeMfundo KwaZulu-Natal,” esho.

Uthi leli thuba lokuthathwa kwempesheni balithanda ngoba lizovulela amathuba omsebenzi entsheni efundele ubuthishela, engaqashiwe. Uthi bayiphonsela nakuNdunankulu wesifundazwe, uMnu Thami Ntuli, inselelo yokuthi alucubungule lolu daba.

UNobhala weSouth African Democratic Teacher’s Union (Sadtu) KwaZulu-Natal, uNkz Nomarashiya Caluza, uthe kuyabethusa ukuthi kungani umnyango wezemfundo esifundazweni, ungahambisani nesinqumo esithathwe kwikhabhinethi yakuleli zwe.

“Kuyasethusa lokhu ngoba inhloko yomnyango kayikaze ikhulume nezisebenzi, noma nezinyunyana ngaphambi kokuba imemezele isinqumo sokuvalela ngaphandle othisha baKwaZulu-Natal, kuleli thuba elimenyezelwe,” esho.

Uthi izizathu ezibekwe wumnyango wezemfundo zokuthi kukhishwe ngaphandle othisha kulolu hlelo, kaziphatheki. Uthi akukwazi umnyango ukuthi ungaphuma nesinqumo esifana nalesi kungaboniswananga nezinhlaka ezifanele, ezithinta izisebenzi.

Ngesikhathi kuphasiswa lo mthetho, kwavela ukuthi izindleko eziningi zezisebenzi zikahulumeni ezisheshe zithathe umhlalaphansi, zizothwa-lwa yihhovisi likamgcinimfana.

Kwabikwa ukuthi inhloso enkulu yalo, wukonga imali emnyangweni kahulumeni, kuvulwe nezikhala zemisebenzi, kuqashwe abantu abasha (first level entry salary).

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...