Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Umphakathi ushaye wabulala osolwa ngokunukubeza izingane endaweni

Umphakathi ushaye wabulala osolwa ngokunukubeza izingane endaweni

by | 13 January 2025

OWESILISA 31 obesolwa ngokuzitika ngezingane ezincane utitinywe wumphakathi waze washona endaweni yaseZwelisha ngoMsombuluko.

Lokhu kuvezwe iReaction Unit South Africa (RUSA) ethe ibizwe kule ndawo ukuba izosiza ngemuva kokuba umphakathi uzithathele umthetho ngezanda wabamba lo msolwa wase umshaya kanzimwa waze waphangalala.

Ngokusho kwabeRUSA ngesikhathi befika endaweni yesigameko bafice lo mlisa esedindizile kusofa osegcekeni lomuzi engasanyakazi.

Kubikwa ukuthi ubenemivimbo nomaka abebekhombisa ukuthi ushaywe kanzima emzimbeni.

AbakwaRUSA bathe owesilisa abakhulume naye ubatshele ukuthi indodakazi yakhe eneminyaka eyishumi ubudala ingenye kwezine umsolwa azinukubeze ngokocansi.

Kuvela ukuthi lezi zingane zamantombazane ezineminyaka ephakathi kuka-4 no-11 ubudala uzinukubeze ngonyaka owedlule.

Umbiko uqhube ngokuthi lo mlisa obulelwe ubeheha lezi zingane zamantombazane ngokuziyisa esitolo sasendaweni afike azithengele ama-chips noswidi bese ehamba nazo ayozinukubeza.

Kubikwa ukuthi ngoMsombuluko lo mlisa ubonwe ngomunye wabazali bezingane azinukubeza wabe esehlaba umkhosi emphakathini.

Nebala amalungu omphakathi amfice amubamba nokuyilapho ebeshaywa kanzima nokugcine kuholela ekuthi adlule emhlabeni.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...