Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 OwoKlebe eKZN uhlulwa ukuchaza izigidi kwibhange lakhe kwiMadlanga

OwoKlebe eKZN uhlulwa ukuchaza izigidi kwibhange lakhe kwiMadlanga

by | 1 September 2026

IPHOYISA loKlebe laKwaZulu-Natal, uColonel Deena Govender lihluleke lancama ukucacisa kwiKhomishini kaMadlanga ngezigidi zemali eyayingena kwibhange lakhe okusolakala ukuthi kwakungeyokukhokhela izinkabi phakathi kuka-2022 no-2023.

Lokhu kuza emva kokuthi uGovender wakhokhelwa le mali ngesikhathi amaphoyisa ematasa ephenya inqwaba yamacala okubulala  eThekwini. Phakathi kwemali evela ezitatimendeni zakhe, kukhona elinganiselwa ku-R3 million owafakwa kwibhange lakhe. Phezu kwalokho kuphinde kwavela nokuthi kwakhokhwa kuyena imali izikhawu ezingu-37 ngosuku olulodwa. Agcine ekwazi ukuyichaza uColonel Govender kube ngu-R1.5 million athe wayeyiboleke ebhange i-FNB. Yize eyichazile kodwa ulandelwe yimibuzo eminingi ebiqhamuka komhola ngemibuzo uSenior Councel  Matthew Chakalson kanti noSihlalo weKhomishini uJustice Mbuyiseli Madlanga utshele uGovender ukuthi ukhuluma umbhedo. Le mali athi kwakuyimali mboleko, uthe wayesizwe isihlobo sakhe ngayo uJosh Chellin athe wamthathela yona ebhange. Ezama ukuchaza enye uveze ukuthi engu-R350 000 yayiphuma kumfowabo owayethenga ingxenye yomuzi wakubo. Enye imali abezama ukuyichaza engu-R300 000 athi yafakwa ngu-S Paardothman athe wayewine eCasino wase eyigcina kuyena, ingakho ibonakala ifakwe ngesandla kunokuthi ayithumele ngebhange.

Encwadini efungelwe uGovender ubeveze ukuthi unabo bonke ubufakazi bemali ephuma nengena kwibhange lakhe angabuletha kwikhomishini kodwa esethula ubufakazi uveze ukuthi enye imali akasakhumbuli ukuthi yayiqhamuka kuphi.

Kwikhomishini bathe okubonakalayo ukuthi ubeshushumbisa imali. Ubufakazi bakhe obushayisa amakhala bugubuzelwe yifu elimnyama njengoba kunofakazi abasola uGovender ukuthi wamukela imali engu-R2.5 million okwakhokhelwa ngayo izinkabi ezabulala usomabhizinisi uBevan Loftus.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...