Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 OwoKlebe eKZN uhlulwa ukuchaza izigidi kwibhange lakhe kwiMadlanga

OwoKlebe eKZN uhlulwa ukuchaza izigidi kwibhange lakhe kwiMadlanga

by | 1 September 2026

IPHOYISA loKlebe laKwaZulu-Natal, uColonel Deena Govender lihluleke lancama ukucacisa kwiKhomishini kaMadlanga ngezigidi zemali eyayingena kwibhange lakhe okusolakala ukuthi kwakungeyokukhokhela izinkabi phakathi kuka-2022 no-2023.

Lokhu kuza emva kokuthi uGovender wakhokhelwa le mali ngesikhathi amaphoyisa ematasa ephenya inqwaba yamacala okubulala  eThekwini. Phakathi kwemali evela ezitatimendeni zakhe, kukhona elinganiselwa ku-R3 million owafakwa kwibhange lakhe. Phezu kwalokho kuphinde kwavela nokuthi kwakhokhwa kuyena imali izikhawu ezingu-37 ngosuku olulodwa. Agcine ekwazi ukuyichaza uColonel Govender kube ngu-R1.5 million athe wayeyiboleke ebhange i-FNB. Yize eyichazile kodwa ulandelwe yimibuzo eminingi ebiqhamuka komhola ngemibuzo uSenior Councel  Matthew Chakalson kanti noSihlalo weKhomishini uJustice Mbuyiseli Madlanga utshele uGovender ukuthi ukhuluma umbhedo. Le mali athi kwakuyimali mboleko, uthe wayesizwe isihlobo sakhe ngayo uJosh Chellin athe wamthathela yona ebhange. Ezama ukuchaza enye uveze ukuthi engu-R350 000 yayiphuma kumfowabo owayethenga ingxenye yomuzi wakubo. Enye imali abezama ukuyichaza engu-R300 000 athi yafakwa ngu-S Paardothman athe wayewine eCasino wase eyigcina kuyena, ingakho ibonakala ifakwe ngesandla kunokuthi ayithumele ngebhange.

Encwadini efungelwe uGovender ubeveze ukuthi unabo bonke ubufakazi bemali ephuma nengena kwibhange lakhe angabuletha kwikhomishini kodwa esethula ubufakazi uveze ukuthi enye imali akasakhumbuli ukuthi yayiqhamuka kuphi.

Kwikhomishini bathe okubonakalayo ukuthi ubeshushumbisa imali. Ubufakazi bakhe obushayisa amakhala bugubuzelwe yifu elimnyama njengoba kunofakazi abasola uGovender ukuthi wamukela imali engu-R2.5 million okwakhokhelwa ngayo izinkabi ezabulala usomabhizinisi uBevan Loftus.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...