Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Umphakathi waseThekwini nethuba lokuzikhalela kuRamaphosa

Umphakathi waseThekwini nethuba lokuzikhalela kuRamaphosa

by | 3 November 2024

BHEKI NDLOVANA 

UZOTHOLA ithuba lokukhala kuMengameli Cyril Ramaphosa (osesithombeni) umphakathi waseThekwini namaphethelo embizweni ezokuba sezinkundleni zemidlalo eMnini, eMgababa, ngoLwesihlanu.  

Le mbizo iyingxenye yochungechunge lwezimbizo zikamengameli, lapho ehambela khona zonke izifundazwe ukuzwa izikhalo nezimvo zamalungu omphakathi  ngezinto ezithinta ukuhlinzekwa kwezidingo.  

Uzobe ehambisana nethimba longqongqoshe okulindelwe ukuba baphendule kwezinye zezikhalo zomphakathi. 

Kulo hulumeni omusha wobumbano lwamaqembu ehlukene, ngeyesibili le mbizo njengoba eyokuqala yayingoNcwaba (August) eTsakane, eGauteng. 

Ngonyaka odlule uRamaphosa ube nembizo efanayo eMnambithi. Kuleyo mbizo umphakathi wakhala kakhulu ngenkinga yamanzi, wukucishwa kukagesi nokushoda kwengqalasizinda yezokuxhumana ngomakhalekhukhwini, eyenza kube nzima ukuxhumana.  

Ezisematheni

Ubanjwe eMelmoth ‘owabulala’ abangu-9 eSydenham

Ubanjwe eMelmoth ‘owabulala’ abangu-9 eSydenham

UBANJWE Obuka, eMelmoth umsolwa obefunelwa amacala okubulala abantu abangu-9 ezigamekweni ezimbili ezehlukene eSydenham ngo-2021. Okhulumela amaPhoyisa kwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe umsolwa ubanjwe ngoLwesithathu ebusuku wuPhiko lweMuder and Robbery...

UKhuzani uchaze ngenzondo yasemndenini

UKhuzani uchaze ngenzondo yasemndenini

UZONDWE amalungu omndeni wakhe umculi kamaskandi uKhuzani "iNdlamlenze" Mpungose ngoba ethi uyaphi ngaphansi kwenkampani yeZingane Zoma ngoba umsunguli wayo uMnu Shobeni Khuzwayo wabulala uMgqumeni "iBhova LikaDikadika" Khumalo (ongasekho). UKhuzani uveze lokhu...

Uphume ngebheyili ka-R20 000 unkosikazi kaMatlala naboshwe nabo

Uphume ngebheyili ka-R20 000 unkosikazi kaMatlala naboshwe nabo

BADEDELWE ngebheyili ka-R20 000 umuntu ngamunye uNkk Tsakane Matlala nababili abeboshwe nabo ngecala lokuqasha indawo eseWaterkloof  ebiza u-R95 000 ngenyanga okuthiwa basebenzise isivumelwano somgunyathi abathi isona esiqinisekisa ukuyiqasha kwabo. UTsakane...