Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Ikhansela “lisola uthishanhloko” ngezimbuzi zalo ezifohla zidle i-rice lesikole zife

Ikhansela “lisola uthishanhloko” ngezimbuzi zalo ezifohla zidle i-rice lesikole zife

by | 5 November 2024

MTHOBISI SITHOLE 

Kuthiwaligqinsile imbuzi efile, esiyona-kele emagcekeni aseMabaso High School kubhalwa izivivinyo zikamatikuletsheni ikhansela lendawo okuthiwa lisola lesi sikole ngokufa kwezimbuzi zalo ezingaphezu kuka-70. Kuthiwa ikhansela lendawo, uMnu Mhawukeleni Sokhela, lifike emagcekeneni esikole lithelwe ngezibonkolo, kuthi malimudle limfele uthishanhloko wesikole, uNkk Thabisile Dlamini.

Kuthiwa lisola isikole ngokubulala izimbuzi zalo ezidla intshela ye-rice eziyithola khona. Kubikwa ukuthi ngesonto eledlule uSokhela ungene esikoleni ngemoto kwashunqa izintuli, evutha engabaselwe. Kuvela ukuthi le nkinga yokufa kwezimbuzi zakhe, iqale nyakenye. 

UNkk Dlamini uthi bahlaliseke kabi ngenxa yokuhlaselwa kwabo esikoleni ngumholi womphakathi. 

Utshele ILANGA ukuthi ufisa ukusizakala kule nkinga ngoba ihlukumeza abafundi nesikole. Uveze ukuthi nyakenye ulubikile lolu daba enduneni, lwaxoxwa emhlanganweni wesigungu sesikole nekhansela. Uthi kulowo mhlangano, induna ifike ihamba nekhansela namadoda amathathu endawo, kwaphethwa ngokuthi isikole yisona esinephutha ngokusho kwenduna. “Udoti wethu siwulahla ngaphakathi esikoleni. Uma singasavumelekile ukulahla ukudla kwethu komnyango wezemfundo ngaphakathi emagcekeni esikole, sekumele senzenjani? Uma inkomo ishayiswe yimoto ngaphandle emgwaqweni, kufanele kusolwe umnikazi wemoto noma umnikazi wezinkomo ohluleka wukwelusa imfuyo yakhe?

NGUMNU Mhawukeleni Sokhela.

“Ngiyazibuza ukuthi kungani ikhansela lingaqinisi isandla kumelusi walo. Ngiyafisa ukusizakala ngoba le nkinga isazoqhubeka nakomunye oyofika aphathe lesi sikole, ngisho sengathatha umhlalaphansi,” kusho uNkk Dlamini. 

Utshele leli phephandaba ukuthi usebikile enkosini yesizwe emuva kokuba ewubhalele umnyango wezemfundo namaphoyisa ngalesi simo. 

Uthe njengoba ikhansela lifuna ukukhokhelwa imfuyo yalo, isikole kasinayo imali eyabelwe ukwenza eminye imisebenzi engaphathelene nokufunda nokufundisa. “Isikole sibiyiwe, isango liyavalwa, kodwa ziyangena ngenxa yokuthi kunezimbobo ezivulwa yizingane nokuganga kwabantu endaweni. Uma kwenzeka sivala imbobo, izimbuzi zingaphakathi esikoleni kuyimpelasonto, sifica sekuvulwe enye imbobo, kwakhishwa izimbuzi,” esho. 

Ethintwa uSokhela, uthe nyakenye ufelwe yizimbuzi eziwu-70 ngenxa ye-rice ezilidla esikoleni. Uthe ngesonto eledlule kufe eziwu-7. Likuqinisekisile kuleli phephandaba ukuthi liyifunile inkokhelo esikoleni ngezimbuzi zalo. “Izimbuzi zami zifela ngaphakathi esikoleni, bazithathe, bazihudelele ngaphandle kwesango, kube sengathi akukho nje okwenzekile. 

“Ezinye zifela ekhaya. Iphelile imfuyo yami ngenxa yobudedengu besikole. NgoSeptember nyakenye, siluxoxile nesikole udaba, induna namaphoyisa kwacaca ukuthi icala lilahla isikole. Kulo mhlangano sivumelene ngokuthi i-rice malingalahlwa emagcekeni esikoleni, kodwa malinikezwe abafuyi bezinja naba-nezingulube. 

“Bakwenzile-ke lokho nyakenye, njengoba sebeyekile, sekuqale phansi futhi ukufa kwemfuyo yami. Izimbuzi zami ziphelile, akekho umuntu ongavuma ukuphelelwa yimfuyo yakhe. Uma sezifile lezi zimbuzi, ngiyazihlinza ngifuna ukuqinisekisa ukuthi zibulawe yini, ngilifice i-rice,” kusho uSokhela.

Uthe kuwumsebenzi wesikole ukuqinisekisa ukuthi isikole kasinazo izimbobo nokugada imfuyo uma isingene ngaphakathi esikoleni. 

INkosi yendawo uThokozani Mabaso, ithe isikole sibikile kuyona ngesonto eledlule. Ithe izobiza izinhlaka ezithintekayo nomkhandlu wesizwe senkosi, kubhungwe ngalolu daba ukuze kutholwe isixazululo.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Muzi Mahlambi, ugcine engatholakalanga kwaze kwashaya isikhathi sokuloba.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...