Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 UMkhwanazi nezinsolo ezinzima ngongqongqoshe nezikhulu

UMkhwanazi nezinsolo ezinzima ngongqongqoshe nezikhulu

by | 9 July 2025

ULINDELE noma ngabe yini olungamehlela, ngisho nokufa imbala, uMkhuzi wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Gen Nhlanhla Mkhwanazi, ngemuva kokusakaza emphakathini amanyundululu enkohlakalo athinta nabaholi abaqavile.

Unyakazise abaningi uMkhwanazi eveza imikhuba athi yenziwa emaphoyiseni, athi ngisho noNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnu Senzo Mchunu, uyathinteka kuyona. Unxuse izikhamizi zakuleli, amaphoyisa aqotho nezinkampani zokuphepha ezizimele, ukuba babambisane empini yokulwa nobugebengu obuhleliwe.

Ekhuluma esigcawini sabezindaba eThekwini ngeSonto, uMkhwanazi uveze izizathu akholwa wukuthi ziholele ekuhlakazweni kohlaka lwamaphoyisa oluyisipesheli, obeluphenya amacala okubulawa kosopolitiki.

Uthe ukuhlakazwa kwaleli thimba okwenziwa nguMchunu ngasekuqaleni konyaka, kwenziwa ngoba kuvikelwa osopolitiki nezikhulu zomthetho ezisebenzisana nezigebengu ezishushumbisa izidakamizwa.

Ukhombe ngenjumbane uMchunu neSekela loMkhuzi wamaPhoyisa kuzwelonke, uLt-Gen Shadrack Sibiya, ngokuhamba phambili ekuphazanyisweni kokusebenza kwaleli thimba ebeliphenya ngokubulawa kosopolitiki.

Uthe ukuhlakazwa kwalo besekunesikhathi eside kwahlelwa.

“Ngonyaka odlule kunesikhathi lapho esacelwa ukuba siyolekelela amaphoyisa aseGoli, sakwazi ukubopha, saphinde sathola nezibhamu ezithinteka kuxhaxha lwamacala.

“Yilapho-ke okwenziwa khona itulo lokuba kuhlakazwe leli thimba ukuze kuvikelwe lezo zigila-mkhuba. Ukuhlakazwa kwethimba akukaze kugunyazwe nguMkhuzi wamaPhoyisa kuzwelonke, uGen Fannie Masemola, okunguye obhekelele ukusebenza kwamaphoyisa,” esho.

Uthe ukuhlakazwa kwaleli thimba bekuhambisana netulo lokumbopha yena (uMkhwanazi) ngoba elwa nobugebengu, futhi enyathela obhozo kwabathile. UMkhwanazi uthe yena nethimba lakhe bazoqhubeka nokulwa nobugebengu.

“Le mpi ingokuphepha kwezakhamizi zakuleli, kayikho ngoMkhwanazi. Ngilindele noma yini, nokufa uma kufika kuyobe sekuyisikhathi sakho, ekugcineni sonke siyofa.

“Okubalulekile wukuvikela izakhamizi zakuleli. Uma ngixoshwa emaphoyiseni kulungile, zikhona izinkampani ezizimele ezilwa nobugebengu esingasebenzisana nazo,” esho.

Eziphendulela uSibiya engxoxweni abenayo neSABC, uzichithile izinsolo zikaMkhwanazi. Uthe uzoxhumana nethimba labameli bakhe, bese ephendula ngendlela efanele.

“Okwenziwe nguMkhwanazi kukhombisa ukungaziphathi ngendlela okumele iphoyisa elikhulu liziphathe ngayo. Konke kushilo akulona iqiniso, kodwa ngizophendula uma sengilandele imigudu efanele,” esho.

NoMchunu ukuchithile okushiwo ngaye nguMkhwanazi. Uthe uzoyicubungulisisa inkulumo yakhe, bese ethatha izinyathelo ezifanele.

Ezisematheni

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

SELISEZIKHINDINI isoka lentokazi eveze izithombe enkundleni yezokuxhumana ikhala ngokungatholi ubulungiswa. Amaphoyisa akwaSAPS eKZN akhiphe isitatimende ecacisa ngodaba lukaNkz Snenhlanhla Nenezana Mthembu ofake izithombe zakhe kanye nezesoka lakhe elimshayayo athi...

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

I-AFRICAN National Congress (ANC), ithi ngeke ithule uma kukhona izwe elihlukumeza abantu abangenacala. Lokhu kulandela umsindo osuswe ukugasela kweMelika eVenezuela, ngoMgqibelo, yathumba uMengameli wakhona uMnu Nicolas Maduri, nomkakhe. UNobhala we-ANC, uMnu Fikile...