Ilanga News
Home 9 Featured 9 Lihlehliselwe elizayo icala losolwa ngokuthumba otholwe ebulewe

Lihlehliselwe elizayo icala losolwa ngokuthumba otholwe ebulewe

by | 4 September 2025

NGUNKK Zinhle Ngcobo obulewe, okuboshwe owesifazane owayejola nomyeni wakhe ngokufa kwakhe.

KULINDELEKE ukuba siphume ngesonto elizayo isinqumo sebheyili ngecala elibhekene nowesifazane osolwa ngokuthumba, ‘abulale’ inkosikazi yowesilisa abethandana naye, okuthiwa uyibulale ngoba edinwa wukuthi indoda isimalile.

UNkz Ntombentsha Ndzimakwe (41), ubevele eNkantolo yeMantshi yaseCato Ridge, ngoLwesibili, ngecala lokuthumba uNkk Zinhle Ngcobo. Izinsalela zesidumbu sikaNkk Ngcobo zatholwa zishisiwe emasontweni amabili edlule.

UNkz Nzimakwe uboshwe noMnu Loyiso Moluko (32), abasolwa naye ngokuthumba uNkk Ngcobo. ILANGA libikile ngalolu daba ngoLwesine olwedlule, lapho kwavela ukuthi umufi wathathwa emqashweni wakhe ayehlala kuwona eCato Ridge.

UNkk Ngcobo wayesemqashweni wakhe ngesikhathi kufika abesilisa ababili, bamthatha, bamfaka emotweni yohlobo lweNissan Almera emhlophe, okwakukhona kuyona owesifazane phakathi, bahamba naye. Izinsalela okusolakala ukuthi ngezakhe uNkk Ngcobo, zatholwa ngosuku olulandelayo eBayview ngaseChatsworth.

UNkk Ngcobo uthunjwa nje, umsolwa uNkz Ndzimakwe wayenobudlelwano bezothando nomyeni kaNkk Ngcobo. Kuthiwa uNkz Ndzimakwe waliwa ngumyeni kamufi ngemuva kokuba ebahlaselile emzini wabo oseNgonyameni, ngoba ehlulwa wukulawula isikhwele sakhe.

Kuthiwa uNkz Ndzimakwe ngaphambi kokugila le mihlola, wayisongela indoda ngokuthi yena akaliwa, futhi uyazi ukuthi umkakhe usebenzaphi. NgoLwesibili eNkantolo, bekukhona amalungu omphakathi abeyokweseka umndeni wakwaNgcobo. Icala lihlehliselwe uLwesibili oluzayo, nalapho okulindeleke ukuba kuqhubeke ukulalelwa kwesicelo sebheyili.
skhom@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...