Ilanga News
Home 9 Featured 9 Lihlehliselwe elizayo icala losolwa ngokuthumba otholwe ebulewe

Lihlehliselwe elizayo icala losolwa ngokuthumba otholwe ebulewe

by | 4 September 2025

NGUNKK Zinhle Ngcobo obulewe, okuboshwe owesifazane owayejola nomyeni wakhe ngokufa kwakhe.

KULINDELEKE ukuba siphume ngesonto elizayo isinqumo sebheyili ngecala elibhekene nowesifazane osolwa ngokuthumba, ‘abulale’ inkosikazi yowesilisa abethandana naye, okuthiwa uyibulale ngoba edinwa wukuthi indoda isimalile.

UNkz Ntombentsha Ndzimakwe (41), ubevele eNkantolo yeMantshi yaseCato Ridge, ngoLwesibili, ngecala lokuthumba uNkk Zinhle Ngcobo. Izinsalela zesidumbu sikaNkk Ngcobo zatholwa zishisiwe emasontweni amabili edlule.

UNkz Nzimakwe uboshwe noMnu Loyiso Moluko (32), abasolwa naye ngokuthumba uNkk Ngcobo. ILANGA libikile ngalolu daba ngoLwesine olwedlule, lapho kwavela ukuthi umufi wathathwa emqashweni wakhe ayehlala kuwona eCato Ridge.

UNkk Ngcobo wayesemqashweni wakhe ngesikhathi kufika abesilisa ababili, bamthatha, bamfaka emotweni yohlobo lweNissan Almera emhlophe, okwakukhona kuyona owesifazane phakathi, bahamba naye. Izinsalela okusolakala ukuthi ngezakhe uNkk Ngcobo, zatholwa ngosuku olulandelayo eBayview ngaseChatsworth.

UNkk Ngcobo uthunjwa nje, umsolwa uNkz Ndzimakwe wayenobudlelwano bezothando nomyeni kaNkk Ngcobo. Kuthiwa uNkz Ndzimakwe waliwa ngumyeni kamufi ngemuva kokuba ebahlaselile emzini wabo oseNgonyameni, ngoba ehlulwa wukulawula isikhwele sakhe.

Kuthiwa uNkz Ndzimakwe ngaphambi kokugila le mihlola, wayisongela indoda ngokuthi yena akaliwa, futhi uyazi ukuthi umkakhe usebenzaphi. NgoLwesibili eNkantolo, bekukhona amalungu omphakathi abeyokweseka umndeni wakwaNgcobo. Icala lihlehliselwe uLwesibili oluzayo, nalapho okulindeleke ukuba kuqhubeke ukulalelwa kwesicelo sebheyili.
skhom@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UYAZIHLANGULA uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli, ukuthi ubenolwazi ngabantu bokufika eNingizimu Afrika asebehlale ngaphambi kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya emgwaqweni uChe Guevara eThekwini izinyanga ezine. UNtuli ubeyohlola ngala bantu asebakhe...