Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Umyalezo kaLekoelea kuMbule “ngebhodlela”

Umyalezo kaLekoelea kuMbule “ngebhodlela”

by | 7 July 2025

INTATHELI YELANGA

UNXUSWE ukuhlaba ikhefu ebhodleleni uSipho Mbule ongumdlali omusha we-Orlando Pirates. UMbule uzakhele igama elihlikihla enkabeni yeSuperSport United – esanda kudayiselwa iSiwelele FC – wathengwa yiMamelodi Sundowns. IDowns imebolekise kwiSekhukhune United, egcine imkhombe indlela, esolwa ngokungaziphathi kahle.

USteve “Chippa” Lekoelea owadlala iminyaka kwiPirates – eyayimthathe kwiMoroka Swallows – unxuse uMbule ukuba athi ukunciphisa ngasezinkambeni zikaFaro.

NGUSIPHO Mbule osezolihlikihla enkabeni ye-Orlando Pirates. ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Ngokubika kweKickOff.com, uLekoelela uthe: “IPirates ibambe ufishi omkhulu ngokusayinisa uMbule, usezingeni eliphezulu, kanti-ke manje usedlala ekilabhini enkulu. Kuzomele aziphathe kahle ngaso sonke isikhathi, futhi kuzofanele ame kancane ngendaba yotshwala, abhekane nomsebenzi wakhe webhola.”

NGU-STEVE Lekoelea we-Orlando Pirates exinwe nguJohn Moshoeu weKaizer Chiefs (ongasekho). ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

ULekoelea uqhube wathi njengoba uMbule engumdlali wekilabhu enkulu, kumele aqhelelane nezinto ezizophazamisa umsebenzi wakhe. “Ngenxa yezinto esesizifundile ngaye (kwabezindaba) kubalulekile ukuba aqhele etshwaleni. Kumele anake umsebenzi wakhe futhi asebenzele ukungena eqenjini lesizwe,” kusho uLekoelea owayephilisa kabi izitobha ngesikhathi esadlala. 

Ngaphandle kwemibiko engemihle ngoMbule, lo mdlali unekhono elibabazekayo lokufunda umdlalo, futhi ukhipha amaphasi axoxa indaba. Kanti uyingozi noma ebhekene nepali.

Ezisematheni

Indida uLosi ekhethwa njengonobhala-jikelele weCosatu

Indida uLosi ekhethwa njengonobhala-jikelele weCosatu

NGUMNU Mike Shingange onguMengameli omusha weCosatu. KUQUBUKE ukudideka kwabaningi ngesikhathi uZingiswa Losi, obengumengameli weCosatu, esekhethwa ebangunobhala-jikelele, walo mfelandawonye wezinyunyana. Engqungqutheleni yeCosatu yezinsuku ezintathu ephothulwe...

Uyalelwe ukuthi aphumule uZuma ekhishwa esibhedlela

Uyalelwe ukuthi aphumule uZuma ekhishwa esibhedlela

NGEMUVA kwesonto lonke, elaliswe esibhdlela iSt Anne's, ePietermaritzburg, uMengameli weMK Party, nowakewaba nguMengameli wezwe, uMnu Jacob Zuma, ugcine ekhishiwe esibhedlela. Ukhishwe ngoLwesibili, ekuseni, kanti kuthiwe akayophumula emzini wakhe KwaDakwadunuse,...