
KUVUKE iminjunju emndenini wakwaMyaka, KwaNongoma, ngesikhathi impunga yomndeni nendodakazi yayo, bemukela iziqu zomzukulu odlule emhlabeni sekusele amasonto amabili athweswe iziqu esikhungweni semfundo ephakeme iDurban University of Technology (DUT), ngoLwesibili, e-Olive Convention Centre, eThekwini.
Kube wumzuzu wosizi kwabanye ababehambele umcimbi wokwethweswa kweziqu ngesikhathi uMnu Muntukathenjwa Myaka (82) nendodakazi yakhe uNkz Sabathile Myaka (40), bemukela iziqu zeDiploma in Information Communication Technology in Business Analysis, zikaNkz Nokwethemba Myaka oshone ngemuva kwezinsu- ku ezimbalwa ebelethile, indodakazi yakhe yaphila.
ILANGA likhulume noNkz Myaka, ongubabekazi kaNokwethemba, olitshele ukuthi iminjunju ivuke kakhulu ngesikhathi esemukela iziqu zendodakazi kamfowabo. Uthi uNokwethemba udlule emhlabeni ngomhla ka-27 kuMbasa (April) ngemuva kokuchitha izinsuku kwesinye sezibhedlela esiseThekwini, ngenxa yezinkinga ezadaleka ebeletha.
“Ngesikhathi ngamukela iziqu, kuvuke usizi, kwayimanxa ngibona ukuthi indodakazi yami kayisekho ngempela emhlabeni. UNokwethemba udlula emhlabeni nje, ubelubheke ngabomvu usuku lwakhe lokwethweswa iziqu, njengoba amalungiselelo amaningi, okubalwa nokuthenga ingubo abezoyigqoka, ebese ekuphothulile.
“Nathi siwumndeni besilubheke ngabomvu lolu suku, njengoba iziqu bezizothweswa yena uNokwethemba nomzala wakhe uNkz Nokulunga Dlangamandla, abebenza naye izifundo ezifanayo,” esho.
Eqhuba, uthi nakuba abazali bakaNokwethemba besaphila, kodwa kabakwazanga ukuhambela lo mcimbi, kusenzima ukwemu- kela isimo sokudlula kwendodakazi yabo. Ekhuluma ngaphandle kwesikhungo uMyaka, ongumkhulu kaNokwethemba, uthi lesi simo sisenzima kakhulu kubo njengomndeni.
“Sibonga uNkulunkulu ngokuthi indodakazi kaNokwethemba iyaphila, siyafisa ukuba asinike amandla sikwazi ukubambisana, siyikhulise ingane yakhe. Namanje kusenzima ukuthi ngikholwe ukuthi akasekho njengoba ebeyithemba lethu lekusasa eliqhakazile, nempilo engcono. Ukuzwa kubizwa igama lakhe esiteji kuyohlezi kuwumlando engiziqhenyayo ngawo,” esho.
Ubonge isikhungo iDUT ngokuhlonipha umzukulu wakhe. Uveze ukuthi uNokwethemba ubezoba ngowokuqala ukuthweswa iziqu emndenini, wathi unethemba lokuthi izingane zakwabo ezingemuva kwakhe, zizolandela ezinyathelweni zakhe.







