Ilanga News
Home 9 Featured 9 Umdonsiswano ngesikhundla semenenja kuMasipala waKwaNongoma

Umdonsiswano ngesikhundla semenenja kuMasipala waKwaNongoma

by | 28 November 2024

UMNTWANA uNhlakanipho Zulu uthi akayindawo ngoba inkontileka yakhe ithi usayimenenja kaMasipala waKwaNongoma.

NONHLAKANIPHO SHINGA

SEKUQUBUKE umdondiswano ngesikhundla semeneja kuMasipala waKwaNongoma obonakala ubhekene nenqwaba yezinkinga njengoba imeya, isekela layo nosomlomo bebhekene namacala enkohlakalo.

NgoLwesibili, uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi, uqoke uMnu Mpumelelo Mnguni njengemeneja kulo masipala, wathi uMntwana uNhlakanipho Zulu, naye ozibiza ngemenenja yalo masipala, akasavumelekile emagcekeni awo.

ILANGA likhulume noMntwana uNhlakanipho, olibeka ngembaba elokuthi akayi ndawo ngoba unenkontileka ethi uyimenenja kaMasipala waKwaNongoma.

“Mina nginenkontileka, nangoLwesibili lolu okwakunomhlangano ngalo, uMfu Buthelezi ethula imeneja yakhe entsha, mina ngangikhona ehhovisini lami, ngisebenza. Nayizolo ngoLwesithathu ngivuke ngalibangisa emsebenzini njengoba inkontileka yami ingivumela,” kusho yena.

Ngemuva kokubekwa koMntwana uNhlakanipho kulesi sikhundla ngoMandulo (September), umnyango wathi akavumelekile kulesi sikhundla, ukhala ngokuthi akanaso isipiliyoni.

“Bangiyise enkantolo, ngafike ngawakhipha wonke amaphepha ababethi kanginawo, futhi uNongoma kakuwona umasipala wokuqala ngisebenza kuwona, isipiliyoni nginaso,” kusho yena.

ILANGA lihabule ukuthi inhlolokhono yokuqashwa kwenemeja bese yenziwe, futhi kunguyena uMntwana uNhlakanipho obesethubeni lokuthi aqashwe ngokugcwele.

Kulindeleke ukuthi uMnu Clifford Ndabandaba (imeya), uMnu Sabelo Nkosi (isekela-meya) noNkz Babongile Sithole (usomlomo) bavele kusasa ngoLwesihlanu eNkantolo kaMantshi KwaNongoma, beyofaka izicelo zebheyili njengoba bebekwe amacala awu-57 enkohlakalo.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...