Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 ‘Wenqabe efunwa ucansi yisiqumama ngo-R100 000’

‘Wenqabe efunwa ucansi yisiqumama ngo-R100 000’

by | 23 September 2025

UTHI wenqabe u-R100 000 kowesilisa obemcela embhedeni umdansi wesilisa, owaziwa ngelikaStufuza, osezakhele udumo ngokudansa egqoke izingubo zabesifazane, amaphinifa neduku, ezinkundleni zokuxhumana. 

Lokhu kuvele ngesikhathi ILANGA linengxoxo ekhethekile nalo mdansi waseDududu, eMkho-mazi, ogama lakhe nguSiboniso Ngcongo (28), olilandise ngoha-mbo lwakhe kulo mkhakha. 

UNgcongo uthi lo wesilisa ombhalele ezinyangeni ezimbalwa ezedlule, ubezimisele ngokukhokhela zonke izindleko zokumsusa eThekwini, aze ayofinyelela kuye eGoli.

“Wabona ama-video ami kuTiktok, wathola nenombolo yami yocingo kuwo, wangishayela engitshela ukuthi uthanda indlela umzimba wami owakhiwe ngayo, uzonginika u-R100 000, futhi akhokhele ithikithi lami lebhanoyi nendawo engizolala kuyo, uma ngizovuma ukulala naye. 

“Ngamubhulokha ngaleso sikhathi, ngoba ngingowesilisa ophelele. Nakuba isakhiwo sami sinakho ukubukeka njengesowesifazane, kodwa ngingowesilisa nje ophelele,” esho.

Ulandise leli phephandaba ngokuqala kohambo lwakhe emkhakheni wezokunandisa, njengoba ethi waqala njengomculi kamaskandi ngo-2015, kodwa washiya phansi ngemuva kokuduma komculi waseLimpopo uMakhadzi, okunguyena abukela kuye.

“Ngesikhathi ngibuka uMakhadzi eminyakeni emibili eyedlule, ngathathwa yindlela ayedansa ngayo, ngagqugquzeleka ukuthi nami ngingakwazi ukudansa njengaye. Nganginovalo ngesikhathi ngisaqala njengoba ngangingazi ukuthi abantu bazongemukela kanjani. 

“Ngenhlanhla-ke, ngemukeleka kahle, abantu bakhombisa ukungithanda. Nakuba bekhona labo abanezinkulumo ezingezinhle, kodwa sengizifundise ukungabanaki, ngiqhubeke nento engiyenzayo,” esho.

Uthi lokhu akwenzayo ukuthatha njengomsebenzi wakhe. Uphethe ngokukhuza abesilisa abambhalela ezinkundleni zokuxhumana, becela uthando kuye. Uthi lokhu kakumphathi kahle njengoba engumuntu wesilisa, futhi unanezingane.   

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...