
UNDUNAKULU waKwaZulu-Natal uMnu Thami Ntuli uthi udaba lwabokifika kuleli malubekwe ezinhlakeni zabomthetho, lungalawulwa yinoma ngubani.
UNdunamkulu uNtuli uphawule kanje ngemuva kwesigameko esenzeke ngoLwesihlanu, emijondolo yaseJikaJoe, eMgungundlovu, lapho kusolwa ukuthi abantu bakuleli ababebhikishela ukubakhona kwabokufika abangenazimvume, beshaye abadabuka eMalawi, kwaze kwabulawa oyedwa wakhona.
Ngemuva kwale mashi yangoLwesihlanu, abantu baseMalawi, ababalelwa ku-300, abebehlala eJika Joe, kuphoqeleke ukuba bathuthelwe kwenye indawo ephephile, eThekwini. UNdunankulu uNtuli, uthi bazoqinisa isandla, ukuze udaba lwabantu bokufika lulawuleke.
“Kuyilungelo labantu ukubhikisha, kodwa lokho makwenziwe ngaphansi kwemigomo nomthetho. Abantu siyabachazela siwuhulumeni wesifundazwe, ukuthi udaba lokuphindisela abantu bokufika emzweni abo, mabalushiyele kithi ngoba siphezu kwalo, siyalusebenza. Abanye balaba bantu, bayafuna ukubuyela emazweni abo, futhi babambisene nezinhlaka ezilungisa udaba lokubaphindisela emakubo.
“Ukubabulala, ukubashaya, ukubashisela imijondolo yabo, kwakha isithome esibi ngesifundazwe sethu. Kuzoba sengathi siyehluleka ukulawula uhlelo lokubabuyisela emuva,” kusho UNdunankulu uNtuli.
Kuqalwe ngesonto eledlule ukuthuthwa kwabaseMalawi, njengoba amakhosikazi nezingane bafakwe emabhasini ayi-10, afulathele iNingizimu Afrika. Abanye kusalungiswa ukuthi bathuthwe kula masonto ezayo. Kukhalwa nangezimo ezingagculisi, ezikhungweni abakhoseliswe kuzo, eThekwini, njengoba bekhala ngamakhaza, nokuthi baphakelwa ukudla okuncane.ME NGEZENZO ZOKUHLUKUNYEZWA KWABOKUFIKA.







