
SITHOLE ibheyili kaR5000 isangoma sodumo ezinkundleni zokuxhumana uGogo Maweni ogama lakhe langempela uMakhotso Mofokeng.
UMaweni obevele ngoMsombuluko eNkantolo yeMantshi yaseProtea ukhishwe ngebheyili yalesi samba kulandela ukuchitha isikhathi esingangesonto engaphakathi ezikhindini.
Waboshwa ngeledlule ngecala lokushaya ngenhloso yokulimaza elenzeka ngo-2019.
Kulindeleke ukuba aphinde avele kule nkantolo ngomhla ka-11 ku-February 2025.







