Ilanga News
Home 9 Featured 9 Ungesiswe esibhedlela umlingisi olunywe ngamaPitbull

Ungesiswe esibhedlela umlingisi olunywe ngamaPitbull

by | 17 May 2026

KUNZIMA kumlingisi weGenerations: The Legacy edlala kwiSABC 1, olaliswe esibhedlela, ngemuva kokulimala kanzima elunywa yizinja ezimbili, ezingamaPitbull zakwamakhelwane walapho eqashe khona, eBoksburg, eGoli.

Ngokuthola kweLANGA ngomthombo walo osondelene noMondli Thusi (osesithombeni), odlala indawo yephoyisa u-Isaac kulo mdlalo, sibi isimo kulo mlingisi. Umthombo uthi ulaliswe esibhedlela iTambo Memorial.

“Ucishe washona uMondli ngendlela alimale ngayo emilenzeni, futhi kakubonakali ukuthi uzophinde akwazi ukuhamba egqoke isikhindi ngokukhululeka. Okuphinde kwafaka usawoti esilondeni, wukuthi uMondli bekumele aqale ukushuthela umdlalo omusha weNetflix, ngoLwesihlanu (kusasa), kodwa akasakwazanga njengoba esalele esibhedlela,” kusho umthombo.

Kuthintwa uMondli, uthe ucele ukungandi ngalolu daba ngoba usezinhlungwini. Uthe uyakuqinisekisa ukuthi ulaliswe esibhedlela ngenxa yokulimala kanzima. Uthe kunzima kakhulu kuyena njengamanje.

ILANGA linayo ikhophi yesitatimende saseBoksburg SPCA, esiveza ukuthi umnikazi wamaPitbull useyihambisile eyodwa kuwona. Esitatimendeni sabakwaSPCA, bathi umnikazi wezinja uyaphika ukuthi ngezakhe izinja ezilume lo mlingisi, kodwa uthi ngezinye ezibukeka njengezakhe.

Bathe noma kunjalo, kodwa bayaqhubeka nokwenza uphenyo njengoba beqoke umphenyi uMnu Ralph Chivaviro, ukuthi aqoqe yonke imininingwane ngalolu daba.

Okhulumela amaphoyisa eGoli, uLT Colonel Mavela Masondo, uthunyelwe umbiko ngalolu daba, njengoba kuvulwe icala esiteshini samaphoyisa iBoksburg North, wawufunda kodwa wangaphendula. Ufoneliwe kodwa ucingo ubengaluphenduli.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...