Ilanga News
Home 9 Featured 9 Ungesiswe esibhedlela umlingisi olunywe ngamaPitbull

Ungesiswe esibhedlela umlingisi olunywe ngamaPitbull

by | 17 May 2026

KUNZIMA kumlingisi weGenerations: The Legacy edlala kwiSABC 1, olaliswe esibhedlela, ngemuva kokulimala kanzima elunywa yizinja ezimbili, ezingamaPitbull zakwamakhelwane walapho eqashe khona, eBoksburg, eGoli.

Ngokuthola kweLANGA ngomthombo walo osondelene noMondli Thusi (osesithombeni), odlala indawo yephoyisa u-Isaac kulo mdlalo, sibi isimo kulo mlingisi. Umthombo uthi ulaliswe esibhedlela iTambo Memorial.

“Ucishe washona uMondli ngendlela alimale ngayo emilenzeni, futhi kakubonakali ukuthi uzophinde akwazi ukuhamba egqoke isikhindi ngokukhululeka. Okuphinde kwafaka usawoti esilondeni, wukuthi uMondli bekumele aqale ukushuthela umdlalo omusha weNetflix, ngoLwesihlanu (kusasa), kodwa akasakwazanga njengoba esalele esibhedlela,” kusho umthombo.

Kuthintwa uMondli, uthe ucele ukungandi ngalolu daba ngoba usezinhlungwini. Uthe uyakuqinisekisa ukuthi ulaliswe esibhedlela ngenxa yokulimala kanzima. Uthe kunzima kakhulu kuyena njengamanje.

ILANGA linayo ikhophi yesitatimende saseBoksburg SPCA, esiveza ukuthi umnikazi wamaPitbull useyihambisile eyodwa kuwona. Esitatimendeni sabakwaSPCA, bathi umnikazi wezinja uyaphika ukuthi ngezakhe izinja ezilume lo mlingisi, kodwa uthi ngezinye ezibukeka njengezakhe.

Bathe noma kunjalo, kodwa bayaqhubeka nokwenza uphenyo njengoba beqoke umphenyi uMnu Ralph Chivaviro, ukuthi aqoqe yonke imininingwane ngalolu daba.

Okhulumela amaphoyisa eGoli, uLT Colonel Mavela Masondo, uthunyelwe umbiko ngalolu daba, njengoba kuvulwe icala esiteshini samaphoyisa iBoksburg North, wawufunda kodwa wangaphendula. Ufoneliwe kodwa ucingo ubengaluphenduli.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...