
SEBEGXILE kakhulu kubafundi abasilele emuva ezifundweni kamatikuletsheni othisha. Lokhu kuvezwe ngabanye babaphathi bezikole ezihlonishwayo ngokuphasa kahle kwabafundi bazo KwaZulu-Natal.
Baphawule ngalokhu njengoba mhla ka-22 kuMfumfu (October) kuqalwa ukubhalwa kwezivivinyo zokuhlolelwa kwabafundi bakamatikuletsheni ukubhala.
Uthishanhloko waseMenzi High, eMlazi, uNkk Nozipho Ndlanya, uthi kalukho uvalo ngomatikuletsheni wakulo nyaka kulesi sikole. Uthi bahlanu kuphela abafundi abahlulekile ukuphasa ezivivinyweni zikaNhlangulana (June).
Utshele leli phephandaba ukuthi abaphasile benze kahle kakhulu. Uveze ukuthi sebenohlelo lokuhlonza laba abanenkinga ezifundweni, bese benikezwa isikhathi sabo ngqo.
“Njengamanje sinikeza laba abanenkinga isikhathi esengeziwe, ukuze sixazulule izinkinga zabo. Likhulu ithemba lokuthi abantwana bazophasa kahle nakulo nyaka. Lokhu-ke kuyinkomba yokuthi akukho okwethusayo ngendlela okusethwe ngayo amaphepha kusukela unyaka uqala,” kusho uNkk Ndlanya.
Lesi ngesinye sezikole esenze kahle kakhulu nyakenye kumatikuletsheni, sathola u-100%.
Omunye wabaphathi eMhlwaneni High School, eMnambithi, uthe nakuba abafundi bakhe belehlisile izinga lokuphasa esigabeni sesibili sonyaka, kodwa lokho kakubethusi. Uthi okwamanje isikole sihleli ku-96%, uma ebuka ikilasi selokhu unyaka uqalile.
“Izifundo okungaphasiwe kahle kuzona yiGeography, neLife Orientation. Kuningi okumele sikwenze ngoba sizimisele ukuqinisekisa ukuthi bonke bayaphasa ngendlela egculisayo,” esho.
Uthi sebeqalile ukubuyekeza obekufundwa unyaka wonke. Ngakolunye uhlangothi, uthishanhloko waseBizimali High, eNkandla, uMnu Philani Dumakude, uthi nakuba abafundi bakulesi sikole bephazamisekile onyakeni ngenxa yezigameko ezenzeke emphakathini, kodwa bazamile ukumelana nezimo zokuthi kulekelelwe umatikuletsheni.
“Izinkomba ziveza ukuthi abantwana bazophasa ngamalengiso. Siyazama nangezimpelasonto ukubu-yekeza konke ebesikwenza onyakeni. Likhulu ithemba esinalo, nabantwana abanakho ukwesaba,” kusho uDumakude.
mthobisis@ilanganews.co.za







