Ilanga News
Home 9 Featured 9 ISilo besinovalo ngoMkhosi woMhlanga obewenzeka okokuqala eMashobeni

ISilo besinovalo ngoMkhosi woMhlanga obewenzeka okokuqala eMashobeni

by | 16 September 2025

SIPHUMELE obala ngovalo ebesinalo ngokuba yimpumelelo koMkhosi yoMhlanga, obubanjelwe okokuqala esigodlweni eMashobeni, oPhongolo, iSilo uMisuzulu kaZwelithini, emuva kokususwa kwawo esigodlweni saseNyokeni, KwaNongoma, ngasekuqaleni kwenyanga eyedlule. 

Ukuba yimpumelelo kwalo mkhosi waminyaka yonke, obungoMgqibelo, kuqede ungabazane kwabaningi abebekhathazekile ngokushintshwa kwendawo obujwayele ukubanjelwa kuyo. Lokhu kufakazelwe wukuhleleka kwezinto. Phambilini, eduze nesigodlo (eMashobeni) bekuyihlathi kanti ngoMgqibelo lokho bese kuwumlando njengoba le ndawo ibisilungisiwe, yakwazi ukumumatha zonke izihambeli nezintombi ebeziphuma ezindaweni ezahlukene. 

Njengaminyaka yonke, izintombi bezibulala inyoka, kangangokuba ezinye zigcine zingakwazanga ukucosha umhlanga ebeziwubekelwe.  Sethula inkulumo yosuku iSilo uMisuzulu, siveze ukuthi besinovalo, sizibuza ukuthi engabe uzoba yimpumelelo yini lo mkhosi njengoba ubuqala ukuya kulesi sigodlo. 

Sibe sesibonga izintombi zaseMkhanyakude, esazicela ngeledlule eMkhosini woMhlanga eMachobeni, eNgwavuma ukuba ziphelele ngobuningi bazo kulo mkhosi. 

“Ngesikhathi sinomkhosi ngaphambi kwalona, nganicela zinto-mbi zaseMkhanyakude ukuba ningiphelezele, niphume ngobuningi benu kulo mkhosi oseMashobeni. Benginovalo ukuthi kuzokwenzekani njengoba ubuqala ukuza lapha kodwa ngijabule uma nginibona niphelele. Lo mkhosi owaqalwa nguMdlokombane eminyakeni ewu-40 eyedlule, ngiyathokoza ukuthi namanje nisayibambile. Wawuqala namakhosi, namanje sisayibambile,” kusho iSilo.

INdlulamithi ikhale ngabahlaziyi abakhuluma kabi ngoZulu, yathi bangcolisa igama lesizwe. Sibuze ukuthi kungani bengezi ngaphambili uma befuna ukwazi ngomlando kaZulu. Sigxeke uSolwazi Musa Xulu, sathi njalo uhlale ekhuluma kabi ngaso. 

UNgqongqoshe wezamaSiko namaCiko KwaZulu-Natal, uMnu Mntomuhle Khawula, uthe ukubambisana kweminyango kahulumeni nokuhlangana kwayo, yikho okwenze lo mkhosi waba yimpumelelo. 

Uthe iSilo simemezele ngenyanga edlule ukuthi lo mkhosi uzokuba kulesi sigodlo kodwa ngokubambisana kweminyango ehlukene okubalwa nawengamele, owezokuThutha noMasipala wasoPhongolo, kwenze lo mkhosi waba yimpumelelo.  

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...