Ilanga News
Home 9 Featured 9 ISilo besinovalo ngoMkhosi woMhlanga obewenzeka okokuqala eMashobeni

ISilo besinovalo ngoMkhosi woMhlanga obewenzeka okokuqala eMashobeni

by | 16 September 2025

SIPHUMELE obala ngovalo ebesinalo ngokuba yimpumelelo koMkhosi yoMhlanga, obubanjelwe okokuqala esigodlweni eMashobeni, oPhongolo, iSilo uMisuzulu kaZwelithini, emuva kokususwa kwawo esigodlweni saseNyokeni, KwaNongoma, ngasekuqaleni kwenyanga eyedlule. 

Ukuba yimpumelelo kwalo mkhosi waminyaka yonke, obungoMgqibelo, kuqede ungabazane kwabaningi abebekhathazekile ngokushintshwa kwendawo obujwayele ukubanjelwa kuyo. Lokhu kufakazelwe wukuhleleka kwezinto. Phambilini, eduze nesigodlo (eMashobeni) bekuyihlathi kanti ngoMgqibelo lokho bese kuwumlando njengoba le ndawo ibisilungisiwe, yakwazi ukumumatha zonke izihambeli nezintombi ebeziphuma ezindaweni ezahlukene. 

Njengaminyaka yonke, izintombi bezibulala inyoka, kangangokuba ezinye zigcine zingakwazanga ukucosha umhlanga ebeziwubekelwe.  Sethula inkulumo yosuku iSilo uMisuzulu, siveze ukuthi besinovalo, sizibuza ukuthi engabe uzoba yimpumelelo yini lo mkhosi njengoba ubuqala ukuya kulesi sigodlo. 

Sibe sesibonga izintombi zaseMkhanyakude, esazicela ngeledlule eMkhosini woMhlanga eMachobeni, eNgwavuma ukuba ziphelele ngobuningi bazo kulo mkhosi. 

“Ngesikhathi sinomkhosi ngaphambi kwalona, nganicela zinto-mbi zaseMkhanyakude ukuba ningiphelezele, niphume ngobuningi benu kulo mkhosi oseMashobeni. Benginovalo ukuthi kuzokwenzekani njengoba ubuqala ukuza lapha kodwa ngijabule uma nginibona niphelele. Lo mkhosi owaqalwa nguMdlokombane eminyakeni ewu-40 eyedlule, ngiyathokoza ukuthi namanje nisayibambile. Wawuqala namakhosi, namanje sisayibambile,” kusho iSilo.

INdlulamithi ikhale ngabahlaziyi abakhuluma kabi ngoZulu, yathi bangcolisa igama lesizwe. Sibuze ukuthi kungani bengezi ngaphambili uma befuna ukwazi ngomlando kaZulu. Sigxeke uSolwazi Musa Xulu, sathi njalo uhlale ekhuluma kabi ngaso. 

UNgqongqoshe wezamaSiko namaCiko KwaZulu-Natal, uMnu Mntomuhle Khawula, uthe ukubambisana kweminyango kahulumeni nokuhlangana kwayo, yikho okwenze lo mkhosi waba yimpumelelo. 

Uthe iSilo simemezele ngenyanga edlule ukuthi lo mkhosi uzokuba kulesi sigodlo kodwa ngokubambisana kweminyango ehlukene okubalwa nawengamele, owezokuThutha noMasipala wasoPhongolo, kwenze lo mkhosi waba yimpumelelo.  

Ezisematheni

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape asekhiphe isixwayiso emphakathini ngezigebengu eziqola abantu ngokubathembisa umsebenzi embuthweni wamaphoyisa. Ngokwesitatimende samaphoyisa akulesiya sifundazwe, lezi zigilamkhuba eziqola abantu abasuke bebheka imsebenzi, bese zizenza...