Ilanga News
Home 9 Ezokungcebeleka 9 Ezempilo 9 UNgqongqoshe wezeMpilo eKZN unxusa kuphathwe kahle iziguli

UNgqongqoshe wezeMpilo eKZN unxusa kuphathwe kahle iziguli

by | 28 January 2025

UNGQONGQOSHE wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNksz Nomagugu Simelane ubonge izisebenzi zezempilo ngokubekezela nakuba kukhona izinselelo kulo mnyango, uthe konke lokhu bayakulungisa. Ubekhuluma kwingqungquthela yenyunyana yonesi, i- 9th Provincial Congress of the Democratic Nurses Organisation of South Africa (DENOSA) eqhubekayo eThekwini.

Le ngqungquthela yezinsuku ezintathu ungqongqoshe uhalalisele iDenosa enamalungu angaphezu kuka 20 000 kulesi sifundazwe ngokugxila ekulweleni amalungelo nempilo yonesi kubalwa nenhlalakusebenza.
“Ubuholi nokulwela kwenu amalungu kungefaniswe nalutho, ikakhulu njengoba sibhekene nezinselelo emnyangweni wezempilo, okubalwa kuzo ukushoda kwezisebenzi, izinsiza kusebenza noma ingcindezi yokusebenza ngokungaphezu kwamandla kuyisimo esinzima. Siyaqonda ukuthi lezi zinselelo zifaka enkulu ingcindezi kwimpilo yabasebenzi bethu bezempilo, ikakhulu onesi okungamalungu enu, nokuyibo abasebenza kakhulu,” esho.

Ungqongqoshe uphinde wabeka ukuthi umnyango wakhe ubhekene nenkinga yemali, ngenxa yokuthi selokhu kwathi nhlo uthola imali engaphansi kweminye iminyango nokuyinto okumele ishintshe.
“Ukunganikwa isabelo mali esenele kube nomthelela kwibhajethi yethu eyehliswa minyaka yonke uma kwenziwa isabelo zimali kusukela ngo-2019. Lokhu kwenza kube nzima ukuletha usizo lwezempilo olusezingeni eliphezulu oludingeka ezindaweni ezahlukene kulesi sifundazwe. Lezi zinselelo ziphinde zibe zimbi nakakhulu ngenxa yesimo sezomnotho esibhekene nezwe lonke. Konke lokhu kusiphoqelele ukuba sithi ukwehlisa ekusetshenzisweni kwemali, nokuyinto eshaye kakhulu kulo mnyango ekutheni sikwazi ukuhambisa izidingo emphakathini wethu okhulayo,” esho.

Uthe ukunyuswa kwemiholo ngenye yezinselelo ezibhekene nomnyango ngoba kayifakwa kwibhajethi. Isimo sibi ngendlela yokuthi baphoqeleka ukuthi bakhokhe izikweletu, baphinde benze ezinye ukuze umsebenzi ukwazi ukuqhubeka.

“Ngeke sikwazi ukuqhubeka ngale ndlela . Isimo sibi ngendlela yokuthi siphoqeleka ukwenza izinqumo ezinzima ukubhekana nalesi simo. Ngifuna ukuniqinisekisa maqabane ukuthi senza konke ukulungisa isimo. Sesike saba nezingxoxo nehhovisi likamongameli siyaqhubeka futhi nezingxoxo eMnyangweni kaMgcinimafa esifundazweni nakuzwelonke kanjalo noMnyango wezeMpilo ukulungisa isimo,”


Ephetha unxuse ubuholi beDenosa ukuba butuse amalungu awo ukuba asebenze ngokuzikhandla futhi aziphathe kahle, aphathe iziguli ngothando, ukunakekela nenhlonipho okuzifanele.
“Ngicela nibatshele ukuthi baphathe iziguli zethu ngendlela nabo abangathanda ukuphathwa ngayo okanye izihlobo zabo,” kuphetha yena.

Ezisematheni

I-IFP nezethembiso ezinhlanu kubavoti

I-IFP nezethembiso ezinhlanu kubavoti

INKATHA Freedom Party (IFP) inxuse abavoti ukuba bayethembe njengoba kuza ukhetho lohulumeni basekhaya oluzoba ngomhla ka-4 kuLwezi nonyaka. Ethula inkulumo emcimbini wokwethulwa komhlahlandlela wokhetho, uMengameli we-IFP, uMnu Velenkosini Hlabisa uthe zinhlanu...

‘Ubulawe wugesi’ evakashelwe yintombi

‘Ubulawe wugesi’ evakashelwe yintombi

ASABAMBE ongenzansi amalungu omphakathi wakwa-V, ezakhiweni eZimeleni, eMlazi, ngowesilisa okuthiwa ushokhwe wugesi washona belungiselela ukuyolala nentombi entsha, ethi ifike endlini yakhe izomqoma. Umndeni kamufi uMnu Philani Mkhungo (36), uthi usele nemibuzo...

Umlingisi ufisa abaphila nokhubazeka baqashwe ezinkampanini

Umlingisi ufisa abaphila nokhubazeka baqashwe ezinkampanini

UMLINGISI wakumabonakude uMenzi Nxumalo uthi kuningi okusadingeka ukuba kwenzelwe abantu abaphila nokukhubazeka ukuze nabo bazibone beyingxenye yomphakathi. Enhlangnweni ayisungulile engenzinzuzo iNokusa Support for Disabled People uthi ibhekela izidingo iphinde futhi...