Ilanga News
Home 9 Featured 9 I-IFP ikhala iyazithulisa ngomholi wayo uMfayela

I-IFP ikhala iyazithulisa ngomholi wayo uMfayela

by | 18 February 2025

UMENGAMELI weNkatha Freedom Party (IFP), uMnu uVelenkosini Hlabisa, uthi bagqemeke ingozi engeqiwa ntwala, ngokudlula emhlabeni komunye wabaholi bayo, uMnu. uSenzo Mfayela (63).

UMnu uMfayela, ushone ngeSonto ekuseni ngemuva kokugula isikhathi eside.

Amalungu esigungu esiphezulu se-IFP, eholwa nguMengameli uHlabisa, ebehambele umndeni wakwaMfayela, eNdondolo, eNdwedwe, uyobhonga emswaneni.

UMengameli uHlabisa, uchaze uMnu uMfayela, njengodondolo leqembu le-IFP, nomholi obengaguquki emigomweni emihle abekholelwa kuyona.

“Kuwe umunthi omkhulu weqembu leNkatha, ujyioyine ngo-1976, njengoba mina ngayijoyina ngo-1978.

Besinaye ezinhlakeni nasebuholini betsha yeNkatha.

Uma kukhona izinto ezixakile eqenjini nasezweni, nguyena obeqhamuka nomhlahlandlela.

Ube ngumholi ozithobile futhi eyoqonda imigomo yeqembu leNkatha.

“Noma ebehamba nakho ukugula, abeqhubeka asebenza ngokuzikhandla njengoba ubebuye abengusomabhizinisi,’ kuchaza uMengameli uHlabisa.

UMnu uMfayela ushona nje ubenguMqondisi oMkhulu weMandla-Matla, okuyinkampani eshicilela iphephandaba ILANGA.

Kulindeleke ukuthi abekwe endlini yakhe yokugcina ngeSonto ngemuva kwenkonzo ezobanjelwa ezinkundleni zemidlalo eMgeezengwane eMona eNdwedwe.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...