Ilanga News
Home 9 Featured 9 I-IFP ikhala iyazithulisa ngomholi wayo uMfayela

I-IFP ikhala iyazithulisa ngomholi wayo uMfayela

by | 18 February 2025

UMENGAMELI weNkatha Freedom Party (IFP), uMnu uVelenkosini Hlabisa, uthi bagqemeke ingozi engeqiwa ntwala, ngokudlula emhlabeni komunye wabaholi bayo, uMnu. uSenzo Mfayela (63).

UMnu uMfayela, ushone ngeSonto ekuseni ngemuva kokugula isikhathi eside.

Amalungu esigungu esiphezulu se-IFP, eholwa nguMengameli uHlabisa, ebehambele umndeni wakwaMfayela, eNdondolo, eNdwedwe, uyobhonga emswaneni.

UMengameli uHlabisa, uchaze uMnu uMfayela, njengodondolo leqembu le-IFP, nomholi obengaguquki emigomweni emihle abekholelwa kuyona.

“Kuwe umunthi omkhulu weqembu leNkatha, ujyioyine ngo-1976, njengoba mina ngayijoyina ngo-1978.

Besinaye ezinhlakeni nasebuholini betsha yeNkatha.

Uma kukhona izinto ezixakile eqenjini nasezweni, nguyena obeqhamuka nomhlahlandlela.

Ube ngumholi ozithobile futhi eyoqonda imigomo yeqembu leNkatha.

“Noma ebehamba nakho ukugula, abeqhubeka asebenza ngokuzikhandla njengoba ubebuye abengusomabhizinisi,’ kuchaza uMengameli uHlabisa.

UMnu uMfayela ushona nje ubenguMqondisi oMkhulu weMandla-Matla, okuyinkampani eshicilela iphephandaba ILANGA.

Kulindeleke ukuthi abekwe endlini yakhe yokugcina ngeSonto ngemuva kwenkonzo ezobanjelwa ezinkundleni zemidlalo eMgeezengwane eMona eNdwedwe.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...