Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Adele ukushiswa yilanga nemvula amaNazaretha enyukela eKhenana

Adele ukushiswa yilanga nemvula amaNazaretha enyukela eKhenana

by | 7 January 2025

UKUKHIPHA inhlanzi emanzini kwelanga okubuye kwashetshwa kamuva nemvula ebeyihambisana nokuduma kwezulu okusabisayo kakuzange kuwathene amandla amaNazaretha ohlangothi lwaseBuhleni njengoba izolo ngeSonto eqale uhambo olubheke entabeni iKhenana, Ozwathini.
Abebulala inyoka amaNazaretha njengoba izolo eqale uhambo lwaminyaka yonke olubheke eKhenana.

Indlela obekuminyene ngayo emigwaqweni engasethempelini iThuba, khona eMzinyathi, lapho afike aphumule khona amaNazaretha, cishe bekuthatha isikhathi esingangehora nohhafu ukuhamba indawo engangekhilomitha uma uhamba ngemoto.
Njengenjwayelo, bekuphume nesinedolo kulolu hambo olunomlando.

Ngezithuba zasekuseni, ilanga belishisa futhi kubonakala nangokujuluka kwawo amaNazaretha ukuthi ngathi afakwe kuhhavini, kodwa elokhu eqhubeka nohambo lwawo.
Yize kunjalo, kuthe kuyoshaya ihora lokuqala emini bebade, laqala lashintsha izulu, laguqubala.

Kakuphelanga isikhathi esingakanani liguqubele, labe seliyithela imvula ebeyiphelezelwa nawukuduma.

Le mvula nokuduma kayizange ikugqize qakala ingudlungudlu (okungabesimame) njengoba bebeqhubeka nokulokhu behuba amahubo akulona leli bandla elidume kakhulu ngelaKwaShembe, ingayinakile imvula ebiyidliva.

Babodwa abebemi eceleni komgwaqo begxumeke amatende, bedayisa ukudla nokokuzivikela kuyona.

Kulokhu umhlangano uphume ebusuku kuyoshaya u-12.

Imvula nezulu obekuduma ezintathakusa ngeSonto nakho kuphelele kuwona amaNazaretha njengoba eqale uhambo lwawo khona ebusuku bangoMgqibelo.

Nomholi walolu hlangothi iNkosi uMduduzi “uNyazilwezulu” Shembe ubeyingxenye yalolu hambo njengoba ebonakale ehamba phansi elangeni ebelishisa bhe.

Phambilini namaNazaretha aseBuhleni ayehamba intaba iNhlangakazi eseNdwedwe kodwa agcina ehosha imfe kuyona njengoba bekuhlezi kunemibango ngezinsuku okufanele kwenyukelwe ngazo entabeni.

AbaseBuhleni banyukele eKhenana izolo nje, uhlangothi lwaseKuphakameni kumanje luseNhlangakazi njengoba lwenyuke ngoLwesine kanti kulindeleke ukuthi luze lwehle ngoLwesithathu mhla ka-8 wale nyanga.

Uhlangothi lwaseBuhleni yilona kuphela olwenyukela eKhenana kanti yilona futhi oluthathwa njengolukhulu ngokwabalandeli.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...