Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Adele ukushiswa yilanga nemvula amaNazaretha enyukela eKhenana

Adele ukushiswa yilanga nemvula amaNazaretha enyukela eKhenana

by | 7 January 2025

UKUKHIPHA inhlanzi emanzini kwelanga okubuye kwashetshwa kamuva nemvula ebeyihambisana nokuduma kwezulu okusabisayo kakuzange kuwathene amandla amaNazaretha ohlangothi lwaseBuhleni njengoba izolo ngeSonto eqale uhambo olubheke entabeni iKhenana, Ozwathini.
Abebulala inyoka amaNazaretha njengoba izolo eqale uhambo lwaminyaka yonke olubheke eKhenana.

Indlela obekuminyene ngayo emigwaqweni engasethempelini iThuba, khona eMzinyathi, lapho afike aphumule khona amaNazaretha, cishe bekuthatha isikhathi esingangehora nohhafu ukuhamba indawo engangekhilomitha uma uhamba ngemoto.
Njengenjwayelo, bekuphume nesinedolo kulolu hambo olunomlando.

Ngezithuba zasekuseni, ilanga belishisa futhi kubonakala nangokujuluka kwawo amaNazaretha ukuthi ngathi afakwe kuhhavini, kodwa elokhu eqhubeka nohambo lwawo.
Yize kunjalo, kuthe kuyoshaya ihora lokuqala emini bebade, laqala lashintsha izulu, laguqubala.

Kakuphelanga isikhathi esingakanani liguqubele, labe seliyithela imvula ebeyiphelezelwa nawukuduma.

Le mvula nokuduma kayizange ikugqize qakala ingudlungudlu (okungabesimame) njengoba bebeqhubeka nokulokhu behuba amahubo akulona leli bandla elidume kakhulu ngelaKwaShembe, ingayinakile imvula ebiyidliva.

Babodwa abebemi eceleni komgwaqo begxumeke amatende, bedayisa ukudla nokokuzivikela kuyona.

Kulokhu umhlangano uphume ebusuku kuyoshaya u-12.

Imvula nezulu obekuduma ezintathakusa ngeSonto nakho kuphelele kuwona amaNazaretha njengoba eqale uhambo lwawo khona ebusuku bangoMgqibelo.

Nomholi walolu hlangothi iNkosi uMduduzi “uNyazilwezulu” Shembe ubeyingxenye yalolu hambo njengoba ebonakale ehamba phansi elangeni ebelishisa bhe.

Phambilini namaNazaretha aseBuhleni ayehamba intaba iNhlangakazi eseNdwedwe kodwa agcina ehosha imfe kuyona njengoba bekuhlezi kunemibango ngezinsuku okufanele kwenyukelwe ngazo entabeni.

AbaseBuhleni banyukele eKhenana izolo nje, uhlangothi lwaseKuphakameni kumanje luseNhlangakazi njengoba lwenyuke ngoLwesine kanti kulindeleke ukuthi luze lwehle ngoLwesithathu mhla ka-8 wale nyanga.

Uhlangothi lwaseBuhleni yilona kuphela olwenyukela eKhenana kanti yilona futhi oluthathwa njengolukhulu ngokwabalandeli.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...