Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Sitholwe sesonakele isidumbu sowesilisa obedukile

Sitholwe sesonakele isidumbu sowesilisa obedukile

by | 27 June 2026

UTHOLWE eseshonile owesilisa waseMona, eNdwedwe, obese kuphele izinsuku enyamalele. Kubikwa ukuthi uSibusiso Wiseman Mngadi, ubikwe njengomuntu onyamalelele ngoLwesibili njengoba isidumbu sakhe sitholakale izolo ngoLwesihlanu.

Abenkampani yonogada ezimele iReaction Unit South Africa (Rusa) bathi bashayelwe ngamalungu omphakathi ebika ngalokhu. Kuthiwa isidumbu sikaMngadi sitholwe ngowesilisa obelusile ozithele kusona wabe ehlaba umkhosi. Kuthiwa isidumbu sakhe sebe sonakele ngesikhathi sitholakala.

Kuthiwa izimpahla kanye nesikhwama sakhe umufi kutholakale endaweni engu-1 metre nalapho bekukhona isidumbu sakhe. Ngokombiko weRusa umndeni wakhe umufi ufikile endaweni yesigameko, wakuqinisekisa ukuthi nguyena ngempela.

Ezisematheni

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...