Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Sitholwe sesonakele isidumbu sowesilisa obedukile

Sitholwe sesonakele isidumbu sowesilisa obedukile

by | 27 June 2026

UTHOLWE eseshonile owesilisa waseMona, eNdwedwe, obese kuphele izinsuku enyamalele. Kubikwa ukuthi uSibusiso Wiseman Mngadi, ubikwe njengomuntu onyamalelele ngoLwesibili njengoba isidumbu sakhe sitholakale izolo ngoLwesihlanu.

Abenkampani yonogada ezimele iReaction Unit South Africa (Rusa) bathi bashayelwe ngamalungu omphakathi ebika ngalokhu. Kuthiwa isidumbu sikaMngadi sitholwe ngowesilisa obelusile ozithele kusona wabe ehlaba umkhosi. Kuthiwa isidumbu sakhe sebe sonakele ngesikhathi sitholakala.

Kuthiwa izimpahla kanye nesikhwama sakhe umufi kutholakale endaweni engu-1 metre nalapho bekukhona isidumbu sakhe. Ngokombiko weRusa umndeni wakhe umufi ufikile endaweni yesigameko, wakuqinisekisa ukuthi nguyena ngempela.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...